Thanda Njengo JesuIsampula
Ukuthanda njengoJesu Kungukuthanda uJesu
Uma umndeni wami uqala ukukhusela izintandane, sahlanganyela nemindeni ekhusela izintandane ngoKhisimusi ngokwakuhlelwe ibandla esingakhonzikulo.Ngagcina ngehla izinyembezi ngamahora amabili engawahlala nabo. Yonke indawo engangiyibuka ngangibona ubuso bukaJEsu esixukwini.
Nangaphambi kokuthi singene ngaphakathi, nabantwana bethu, sahlangana nomngani owasibizela lapho kupakwa khona izimoto. Sambona lapho umntwanyana wentombazana owayemncane ezalwe abambeke ezidakamizweni okuyi-meth, i-cocaine, i-Xanax, nezinye izidakamizwa ezingaziwayo. Wayengaphakathi futhi—nesixuku samavolontiya esibingelela ngemfudumalo besinika amasokisi ezipho agcwele neziqeshezana zokubhala amagama ethu esikhundleni sokusebenzisa usuku lwabo bethenga izimpahla zemindeni yabo zikaKhisimuzi. Sabuye sambona enva kwethu. Umama, ubaba, angidlali uma ngithi, isithupha sabantwana abancane abayizintandane abazikhulisayo. Abaningi babegqoke izibuko eziwugqinsi noma izinsimbi emilenzeni futhi bonke begqoke izimpahla ezihlanzekile bejabulile. Wayephethe engikhombisa ithoyizi le-Lego ayenikwe umzalwane thizeni okungenzeka ukuthi akaze abongwe muntu. Wayengubaba owayesula amathe komunye wabantwana ababehleli esihlalweni samasondo, aphinde abe ngumfanyana owayekwazi kuphela ukubuka ubaba wakhe emehlweni esesuliwe amathe. Futhi wayengumama owayekhuluma kunengane owayeyiphethe, abuye abe inganyana embambe emlenzeni. Abuye abe ngumama omdala owayekhuluma ngezandla nabafana bakhe ababili ababefake izintwana zokulalela ezindlebeni ngoba bengezwa. Abuye abe umkhulu owayegqoke isigqoko sika-Santa eculela izingane no-Rudolph iculo elithi Jingle Bells ukuze ajabulise abantwana. Sengibuyela ekhaya ngisemotweni eyayigcwele ukudla nezipho zokuphiwa, kwacaca kimi ukuthi wayeyilamantombazanyana amabili esabuyela nawo ekhaya kulobo busuku. Wayengumndeni wami futhi. Nathi sasinguJesu futhi sithands njengaYe ngasikhathi sinye. UJesu wayekuyo yonke indawo lapho ngangibheka khona. Kwabathandayo nabathandiwe.
Esifundweni sanamhlanje, uPawulu ubizela iBandla ukuthi liphile ngalendlela. Ukuze kube khona ukulingana. Sonke simdibi munye. Singesizo izandla nezinyawo zaKhe kuphela, kodwa lwesinye isikhathu ubuso baKhe. Umzimba waKhe obonakalayo. Kodwa ngaphandle kokuzivumela ukuthi ungene osizini, ukweswela, ubuhlungu, ukwephuka, umzwangedwa, ngeke sikuzwe. Nezinto ezifana nokuthi izingane emphakathini wakho ukuthi zidle uKhisimuzi zodwa ngoba zingenamuntu ngeke kukuphule inhliziyo ngoba ngeke uzazi amagama azo. Uma ungazibuki lezingane emehlweni, asoze wazi injabulo uokubona ubuso bukaJesu singakafiki ezulwini.
Kuyagculisa nokho. Yena muhle ngokubabazekayo. Muhle futhi mkhulu futhi unenkazimulo yokukhanya. Yikho lokhu okuyisizathu ukuthi sithande njengoJesu—ngakho konke okukithi.
Kendra Golden
Life.Church Creative Media Team
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Singafunda kanjani ukuphila njengoJesu uma singaqali ngokuthanda njengaYe? Funda kanye nabasebenzi nabalingani be-Life.Church ngenkathi bekhuluma ngabakwaziyo kanye nemiBhalo enza bafise ukuphila impilo egcwele nokuThanda Njengo Jesu.
More