Thanda Njengo JesuIsampula
Ukuthanda Abaphukile
Ngakhuliswa ekhaya eliphukile. Izidakamizwa, utshwala, nokuhlukunyezwa kwakujwayelekile futhi kulindelekile. Akuthathanga sikhathi ukuthi nami ngenze lokhu engangikubona zinsuku zonke. Kungekudala, ngase ngiphuza ebusuku, ngeba izidakamizwa zikababa ukuzidayisa nokuzidla. Ngikhumbula ngibuyela ekhaya ngo7:00 ekuseni ukulungela isikole emva kobusuku bophuzo nesidakamizwa. Ngabuka esibukweni, ngijabhile ngesithombe engangisibona singibuka. Ngasengingumuntu engimuzondayo- umuntu engangizitshele ukuthi ngeke ngibe nguye. Akuthathanga sikhathi ukuthi ngizitshele ukuthi ngiyilento okwakumele ngibe yiyo. "Yilokhu kuphela okukhona emadolobheni amancane,” Ngazitshela. "Yini enye engenziwa?"
Ngesikhathi esifanayo, ugogo wami wayengicindezela ukuya enkonzweni. Ngezinye izimpelaviki, ngangivuma futhi ngingaphuzi ngingayi nasebumnandini ngobusuku obandulela isonto. Njengokusho kwami, nganihlala edolobhananeni. Uma wake wahlala kulo, uyazi ukuthi wonke umuntu uyazi ngokwenzayo ungakakwenzi. Wayazi ngami nezidakamizwa futhi wayekhuleka kuNkulunkulu ukuthi angikhombise uthando lwaKhe nezinhlelo anazo ngami. Ayemahle kakhulu kunalokho engangikucabanga.
Impilo yasekhaya yayingemnandi, ukuhlukunyezwa kwabakukhulu kakhulu. Uma ngibheka emuva, kuyajabulisa ukubona ukuthi uNkulunkulu wahlela konke. Uthando lukagogo ngami nokukwazi ukunganaki amaphutha ami kwangiholela emndenini owawulungele ukungithatha njengelunga lawo. Bakhetha ukwamkela umntwana owayenezinkinga. Ngothando nokwamkela kwabo, ngakwazi ukubona uthando lukaKhristu ngami. Yingenxa yalolothando ukuthi ngashintsha. Indoda enomshado omuhle nabantwana abazokhula bazi uthando engingakwazanga ukulwazi. Ngakuthola konke lokhu ngob abantu abathile bakwazi ukuthi bathande njengoJesu.
Danny Duran
Life.Church Overland Park
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Singafunda kanjani ukuphila njengoJesu uma singaqali ngokuthanda njengaYe? Funda kanye nabasebenzi nabalingani be-Life.Church ngenkathi bekhuluma ngabakwaziyo kanye nemiBhalo enza bafise ukuphila impilo egcwele nokuThanda Njengo Jesu.
More