Thanda Njengo JesuIsampula
Umzimba Munye, Amalungu Amaningi
Bengisocingweni nabazali bami abangitshele izindaba engangingazicabanganga—umfowethu wayezibulele. Ngangingazi ukuthi ngenzenjani ngoba wayengumuntu engiya kuye uma nginezidingo. Noma ngabe kwakwenzekani, enhle noma embi, wangeowokuqala engangimthinta ngocingo.
Ngnhlanhla, nganginabantu abaningi ababephila nami. Ngathinta umholi wethu, futhi kungakapheli ihora, abangani abane bafinka endaweni yami yokuhlala ukuzoba nami. Futhi okwenzeka emavikini nasezinyangeni ezaandela lokho kwangithusa. Abanye beza endaweni yami yokuhlala bavuma ngikhale. Abanye bangikhipha yikhona ngizohleka. Abanye bangiphekela. Abanye banikela egameni likamfowethu. Abanye bashayela ubusuku bonke ukuthi bafike enkonzweni yesikhumbuzo yomfowethu ukuze bangisekele. Abanye baze bangihlobisela indawo yami yokuhlala ngesikhathi sikaKhisimuzi ukuze bangamkele sengibuyo kulolohambo olunzima. Abangani bami benza lokho uNkulunkulu abanika khona ukuthi bakwenze ukunginakekela.
I KwabaseKhorinte 12 isifundisa ukuthi singumzimba munye onamalunga amaningi. UNkulunkulu usunike sonke izipho namathalente nezintshisekelo ezihlukene ukukhonza abanye abantu. Nginentokozo ephuphumayo ngenxa yabangane bami abasebenzisa ukuthi bangikhonze ngesikhathi sobunzima. Namhlanje, ngifuna ukukukhuthaza ukuthi ukhumbule ukuthi unakho konke okudinganyo ukuthi ukhonze abanye futhi uthande njengoJesu ngesikhathi sabo sokudinga.
Amanda Davis
Life.Church Tulsa
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Singafunda kanjani ukuphila njengoJesu uma singaqali ngokuthanda njengaYe? Funda kanye nabasebenzi nabalingani be-Life.Church ngenkathi bekhuluma ngabakwaziyo kanye nemiBhalo enza bafise ukuphila impilo egcwele nokuThanda Njengo Jesu.
More