Thanda Njengo JesuIsampula
Ukuba Umngani
Kwakukhona umsebenzi omusha emsebenzini owayefuna ukuba umngane wami kudala. Esikhundleni sokuthi ngimamkele eqenjini lethu, angizange ngikwenze lokho. Empeleni, kunezikhathi lapho ngangimubi kuye. Ngangihlala naye kwesinye isikhathi kodwa kuphela uma nganginesikhathi sokwenza lokho.
Kwadlula izinyanga ngezwa ukuthi ubaba wami usenomdlavuza. Emva kwesikhashana ngazithola sengisesibhedlela sabagula kakhulu ezinsukwini zokugcina empilweni yakhe. Lomuntu engangingamniki isikhathi akazange angikhulekelanga kuphela kulesisikhathi esinzima. Wahlala ocingweni ubusuku obuningi ngize ngikhathale ngiphathwe ubuthongo ngilale. Wangiphekela ukudla engikuthandayo ngaphambi kokugibela indiza. Wahlanganisa isipho nabanye abasebenzi ngalethelwa sona. Uma ngibuyela emsebenzini, wayeseduze ukunginika indlebe uma ngifuna ukukhuluma nokukhala.
Waba ngumngani kimi ngaphambi ngaphambi kokwazi ukuthi ngiyamdinga. Wanginakekela ngingenandaba naye. Wangithanda ngingathandeki.
Ngangithi ngiyalwazi uthando olungenazaba. Ngangithi ngiyaqonda ukuthi uJesu usithanda kanjani. Kuyacaca ukuthi ngangingazi lutho. Ngangicabanga ukuthi umuntu uyaklomeliswa ngothando olungenazaba. Siyaye sithande abantu ngokunemigomo futhi uma kuhamba kahle lolothando luqala lube yilolo olungenazaba. Kodwa lokho akusiyo indlela uNkulunkulu asithanda ngayo. Wasifela siseseyizoni. UJesu ungibona ngilulungele uthando noma lungangifanele. Wangithanda ngokungenazaba kusukela ekuqaleni, futhi yileyo ndlela asibizele ukuthi sithande ngayo.
Loyomngani ungithanda njengokungithanda kukaJesu. Ngifuna ukuthanda kanjalo.
Sam Simala
Life.Church Wichita
Mayelana naloluHlelo
Singafunda kanjani ukuphila njengoJesu uma singaqali ngokuthanda njengaYe? Funda kanye nabasebenzi nabalingani be-Life.Church ngenkathi bekhuluma ngabakwaziyo kanye nemiBhalo enza bafise ukuphila impilo egcwele nokuThanda Njengo Jesu.
More