Thanda Njengo JesuIsampula
Ukulinda Emgqeni Ebhange
Ngangihlale ngizibuza ngezigaba zabantu empilweni. Yingani abantu baphakamise abanye kodwa hhayi abanye? Ziningi izinto ezenza abantu babe sendaweni ethile empilweni noma babe nesigaba esithile empilweni: ngokwaziwa, ngengcebo, ubuhle, amathalente, izigaba, imvelaphi, njll.
Ngangifunda amabanga aphezudlwana esikolweni ngekhathi ngibona ukuthi kunezigaba zokwaziwa, kodwa noma sengimdala ngiyabona ukuthi kukhona abanyu abamkela abanye, kodwa abanye abangabamkeli. Siyazihlela, sibeka abanye ekuqalenin nabanye ekugcineni.
Onyakeni wokuqala ngihlala edolobheni elikhulu, ngenza ubuwula bokuya kwi-ATM ngoMgqibelo. Endleleni yokuyohlangana nomlingani wami owayemusha ngalesosikhathi, ngafika ngama emgqeni omude wabantu ababengenasikhathi sokulinda ababefuna imali yempelaviki. Ngisemicabangweni yami, angisheshanga ukubona ukuxokozela ekuqaleni komugqa lapho engasengingowesishiyagalombili kuwo. Ngezwa owayekhala nowayethuka inhlamba, kodwa nase ngibona owesifazane owayesekhulile owayezama ukungakhombisi ukuphatheka kabi kwakhe esaqedela ayekwenza emshinini. Ngambuka lowesifazane, ngase ngibuka umugqa phambi kwami nasemva kwami. Akekho owayebuka omunye, ngokuthula (noma ngokungabinasikhathi nje) benza ngathi abambona lona wesifazane onenkinga. Lowesifazane wakhansela ayekwenza emshinini, wayesesibheka sonke wathi, “Ngithola izindaba ukuthi ubaba wami useshonile.” Kwakungesikho ukuxolisa, mhlawumbe kwakuwukuchaza. Uma engatholi mpendulo, wajika, esakhala, waya lapho ayepake khona imoto. Ngazama ukubuka ukuthi ubani ongasiza, ngicabanga ukuthi kukhona okumele amsize. Kwababuhlungu kimi, kwasa kabusha ukuthi eqinisweni isizathu sokungenzi lutho kwamina ukuthi ngangingafuni ukulahlekelwa indawo yami kulomugqa engangikuwo nowawukhula.
Siyababeka yini phambili abanye njengoJesu noma sizicabangela thina kuphela? Kungangakhi sibashaya indiva abathandiwe kuKhristu ngoba bengabalulekanga emehlweni ethu abanye? Kulowomzuzu kwi-ATM ngangisendleleni ngiyohlangana nomuntu owayebalulekile kimi engangifuna ukumjabulisa. Lowesifazane owayekhala wayengelutho kimi, futhi nganginasikhathi engingamnika sona. Kodwa uKristu akasibize ekumsebenzeleni kuphela uma sinesikhathi. Akathi asikhonze labo kuphela esibabona bebalulekile kithi. Yena wenzangohlelo lwakhe—ophezulu aye phansi, noma ongenakho abenakho—futhi enze ukuthi owokuqala abe owokugcina nowokugcina abe owokuqala.
Owesifazane owayekhala wayengasakwazi ngisho ukuvula imoto yakhe, ngazizwa ngigijima ngiya kuye. Wavele wabaluleka kimina inhliziyo yami igcwala ukumzwela. Uma ngimbona ethuka, ngase ngithi kuye, “Ngiyazwelana nawe nobuhlungu bakho.” Ubuso bakhe bashwabana futhi wakhala ngase ngiyamanga. Wehla emva komzuzu wase eseyabonga ngaphambi kokuthi angene emotweni ahambe. Ngajika ngibuyela kwi-ATM lapho bonke abantu babezenza ngathi bamatasaezingcingweni zabo, benza ngathi abangiboni.
Ngabuyela endaweni yami emgqeni.
Beth Castle
Life.Church Creative Media Team (Spouse)
Mayelana naloluHlelo
Singafunda kanjani ukuphila njengoJesu uma singaqali ngokuthanda njengaYe? Funda kanye nabasebenzi nabalingani be-Life.Church ngenkathi bekhuluma ngabakwaziyo kanye nemiBhalo enza bafise ukuphila impilo egcwele nokuThanda Njengo Jesu.
More