Thanda Njengo JesuIsampula
Wakwenzela Mina
Kwakubanda ebusuku ngoFebhuwari singena ngemoto lapho esasihlala khona. Eceleni komgwaqo kwakuhleli intombazane eyayisencane ikhala kabuhlungu, igqoke isikijana nesikhindi. Saphuma endleleni ngaya kulowesifazane ngathi, “Ngingakusiza ngani?”
Washo lawamazwi, “Ungixoshile. Ngikhulelwe, umlingani wami ungixoshile.”
Ngisafuna amazwi, umcabango wami wathi, Ungumuntu. Buyisela ukuzihlonipha kuye. Ngambuza, “Ubani igama lakho?”
“UBrittney.”
Ngaphendula, “Ngiyajabula ukuhlangana nawe, Brittney. Ungathanda sikuse lapho uthanda ukuya khona?”
“Yebo, ugogo uhlala eduzane.” ephendula.
Sahamba saya emotweni, umyeni wami wangena emuva nezingane zethu ezimbili – ezazimangele ukuthi kwenzekani. Ngaphandle kokuchitha isikhathi, ngamazisa uBrittney emndenini wame ngazuthi sasesazane iminyaka.
“Brittney, kungaba njani uma ngikunika izimpahla? Ngingangena nje endlini masinyane ngizithathe.”
“Yebo, ngiyagodola.”
Ngafaka imoto ekhaya ngangena endlini. UBrittney wangilandela eduzane. Ngathatha ijezi elinemikhono emide, ibhulukwe elide elifudumalayo, izicathulo. Ngamnika izimpahla, wangena egunjini lokugeza washintsha.
Sase simthatha simusa kwagogo wakhe samfisela okuhle. Endleleni sesiya ekhaya, abantwana bethu babuza ngokuthi kwenzekeni, ngathi kubo, “Nguyazi ukuthi yilokhu uJesu ebengafuna sikwenze lokhu.” Bavuma, saqhubeka nobusuku bethu.
Ngakusasa ekuseni, ngangifunda incwadi yami yemikhuleko ngenkathi ngibona lagama, “Ngangihamba ze, nangigqokisa.” Inhliziyo yami yashaya kakhulu mangikhumbula okwakwenzeke ngayizolo.
Amathuba okuthanda uJesu enzeka noma kuphi noma nini. Singathanda izihambi emgwaqeni njengoJesu singazange silisho igama lakhe. Uma uBrittney ehlangana noJesu, ngithandazela ukuthi ambone njengaloyo ahlangana naye mhla eya kugogo wakhe ngobusuku obabubanda ngoFebhuwari.
Tasha Salinas
Life.Church Midwest City
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Singafunda kanjani ukuphila njengoJesu uma singaqali ngokuthanda njengaYe? Funda kanye nabasebenzi nabalingani be-Life.Church ngenkathi bekhuluma ngabakwaziyo kanye nemiBhalo enza bafise ukuphila impilo egcwele nokuThanda Njengo Jesu.
More