Thanda Njengo JesuIsampula
NjengoJesu Ethanda Ibandla (isigaba 1)
Ngiseyintombazanyana, ngangihlezi ngiphupha ngomshado wami—kusukela ekhekheni, ingubo yomshado, ngisho nendoda engangiyoyishada. Uma uphupha ngobuhle bosuku lwakho, akwenzeki ucabange ngezingqinamba ezilandela lolosuku.
Ngingakazalwa, umama wami wathola ukuthi unesifo samathambo. Zonke izinsuku zazinzima kuyena. Ubaba wami wakhetha ukumthanda nokumkhonza zinsuku zonke. Ezinye zezinsuku wayemphekela isidlo sasekuseni noma ambophe izintambo zezicathulo. Noma ngabe msebenzi muni, ubaba wami wayemthanda umama wami. Iminyaka eminingi emva kwaleyo, ngabona ubaba wami emkhonza umama wami nendlela entsha ngenkathi umama ethola ukuthi unesifo esibinzwa nge-Hodgkin’s Lymphoma. Ubaba wami wayechitha izinsuku ethanda, enakekela, ekhulekela umama. Ngangingakaze ngimbone ubaba wami ekhathele kangaka emoyeni nasemzimbeni, kodwa waqhubeka. Lokhu kwakuyisibophezelo sakhe kuKhristu nakumama wami.
Isikhashana emva komshado wami nomyeni wami, sahlangabezana nezingqinamba zempilo yangasese okungafanele imishado ihlangabezane nazo. Into eyayisilethela intokozo yayisiletha ubuhlungu nezinyembezi. Njalo, ngangikhala kuze kwehle ubuthongo. Ubuhlungu, ukungaxhumani, nomuzwa wokuba ongaphumeleli emshadweni njengomama kwasihlukanisa njengabashadikazi.
Iziznsuku zobunzima zaphenduka iminyaka yobunzima esasithi asoze iphele. Umyeni wami wama nami. Wabushaya indiva bonke ubuhlungu wakhetha ukungithanda nginjalo. Wangithanda ebuhlungwini nasezinyembezini. Nanamhlanje, usangithanda. Abantu bathi amantombazane afuna amadoda anezimpawu ezifana nobaba bawo. Namhlanje, ngibonga ukuthola umlingani ongithanda njengobaba wami no thanda njengoJesu.
Shelley Martin
Life.Church IT Team
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Singafunda kanjani ukuphila njengoJesu uma singaqali ngokuthanda njengaYe? Funda kanye nabasebenzi nabalingani be-Life.Church ngenkathi bekhuluma ngabakwaziyo kanye nemiBhalo enza bafise ukuphila impilo egcwele nokuThanda Njengo Jesu.
More