Thanda Njengo JesuIsampula
![Love Like Jesus](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F2391%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
NjengoJesu Ethanda Ibandla (isigaba 2)
Sasesishade iminyaka emibili vo mhla eqala ukubuzwa: ubuhlungu obugwazayo obungaphezu kwamadla emizwa yakhe yonke. Ukujula kobuhlungu babuthula emahoreni ambalwa alandelayo ngezigaba zezidubulo, iminjunju, nezinyembezi. Ngingowayenamahloni nowondile oneminyaka ewu-20, ngangithembise ukumthanda lona wesifazane ebumnandini nasebunzimeni, kodwa nganithi ubunzima babuyofika emva kwamashumi eminyaka yokulungiselwa kona. Akusikho okwenzeka lokho. Ubuhlungu babulibele bubuya. Ebusuku, nengane kwelinye lamagumbi, sazama ukuxhumana ngendlela abashadikazi abaxhumana ngayo, kodwa kwaba ubuhlungu bodwa. Lolo kwakungolunye lwezinsuku olwaqala isomiso seminyaka emithathu yokuxhumana ngalendlela. Lesisomiso sangena egumjini lethu lokuphumula laba ifu elenza kwabakhona ithunzi phezu komshado wethu. Into eyayimelwe ukusihlanganisa yayisilethe ukuhlukana. Kwakudlula amaviki sizame futhi sethemba ukuthi isimo sasesishintshile, kepha qha. Masinyane, sayeka ngisho nokuzama. Ubusuku obuningi sasifulathelana embhedeni. Ngangimuzwa ezama ukufihla ukukhala nobuhlungu ayebuzwa, namai ngikhale emcamelweni wami buthule.
Lona kwakungasiwo umshado engangiwufisa. Izitsha namanabukeni, ilindolo negceke—zonke lezozinto sazenza zaze zasihlukanisa kakhulu. Kwakungekho ukubuyisana emva kokuxabana. Kwakungekho ukusa koMgqibelo. Sasingaphumi sodwa siyodla. Lokhu kwasishiya silimele emzimbeni nasemoyeni. Nagangicabanga ukuthi ngangimthanda njengoKhristu ethanda ibandla, kodwa ngangingazi ukuthi kusho ukuthini ukuzidela ngenxa yakhe. Ngafunda ukuthi ngazi kancane kangakanani ngokuthanda njengoJesu. Ngangicabanga ukuphuma. Ubusuku obuningi, ngangihlala ngingalali eselele yena ngikhale kuNkulunkulu emthandazweni. Ngabona imizamo yami yokuxhumana nonkosikazi yaliwa njalo ngokushesha isizathu ngingasiqondi.
Yilapho uNkulunkulu wavula amehlo ami khona, ngikhumbula ngicabanga, yilendlela uJesu ezwa ngayo ngami.Njalo ekuseni Wayecela ukuxhumana nami, kodwa nagngimatasatasa kakhulu. Njalo ngaphambi kokulala, esikhundleni sokuchitha isikhathi noJesu, ngangichitha isikhathi ngizizwela ubuhlungu. Ngangicabanga ngobuhlungu bukaJesu nokuphuka kwenhliziyo yaKhe ngenkathi ngala izicelo zaKhe ukuthi axhumane nami.
Sonke lesisikhathi, ngangibambelele emalungelweni ami njengendoda ngenkathi ngithi konke kwakwenzelwa ukuqinisa umshado wethu. Uma ngagnizophumelela kulento, kwakumele ngishintshe. Noma ngabe kwakunjani, unkosikazi wayedinga ukuthi ngibeke amalungelo ami eceleni njengedoda yakhe ngimthande ngaphandle kwezaba. Manje, njalo mangizwa ngidelwa, ngangicabanga ngoNkulunkulu nazo zonke izikhathi ngimdela. Kwabase-Efesu, lithi iZwi indoda ethanda unkosikazi wayo izithanda yona uqobo. Ngafunda ukuthi uma ngizizwa ngingathandwa, yilesosikhathi okwakumele ngimthande kakhulu unkosikazi wami. Lokho kukhula akuvelanga nje ngokudlula kwesikhathi. Kwatshalwa ubuhlungu, ukuzidela, nokuthoba.
Angikafiki ekuthandeni njengoJesu, kodwa wabuyisela umshado wethu wasinika isibopho esiqinile somshado. Ngenxa yobuhlungu nokukhetha ukuthandana kukho konke, sinokujula kokuxhumana manje imishado eminingi engeke yakuzwa.
Michael Martin
YouVersion Team
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
![Love Like Jesus](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F2391%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Singafunda kanjani ukuphila njengoJesu uma singaqali ngokuthanda njengaYe? Funda kanye nabasebenzi nabalingani be-Life.Church ngenkathi bekhuluma ngabakwaziyo kanye nemiBhalo enza bafise ukuphila impilo egcwele nokuThanda Njengo Jesu.
More