Thanda Njengo JesuIsampula

Love Like Jesus

USUKU 6 KWEZINGU- 13

Ukuthanda Abangathandeki

Ngokwesonto, ngangimuhle. “Ngangithanda isoni, ngizonda isono” kwaze kwafika lolosuku sekumele ngikwenze lokho. Ngayibona impilo yami, idungekile ngenxa yokudayiswa oseduze kwami. Kwakumele ngikhethee: ngihambe ngisuke kulobubudlelwano noma ngithande umuntu owayengenandaba nobuhlungu abufaka kimi, engenakuzisola ngakho futhi.

Ngafuna uNkulunkulu ngamandla ngicela ukuhlakanipha. Ngenzenjani? Kwaba yilesisikhathi lapho uNkulunkulu aveza okuthile kimina—inhliziyo yomkhapheli wami. Isisho esithi “abantu abalimele balimaza abantu” yilokhu okwakwenzeka. Lomuntu wayesebumnyameni obunzima. Ngebhadi, wayengazi ukuthi enzenjani noma abuse kuphi ubunzima bakhe, kwase kulethwa kimi.

Kwenzeka into emangalisayo uma siqala sinakekela izinhliziyo zabanye kunezenzo zabo. Siba nomusa—njengoJesu. Ngokushesha, akusemina nokuthi ngilimele kangakanani. Esikhundleni salokho,kuba wukuthanda abantu ebuhlungwini babo.

Ngikholwa ukuthi yilokhu uJesu akushoyo entshumayelweni yakhe yasentabeni. Kulula nakangakanani ukuthanda abasithandayo. Ngisho nabangakholwa benze njalo. Kungenzeka ukuthi, akubona abaludinga kakhulu uthando. Eqinisweni, ilowo osebenza naye ohlebayo, umlingani oqamba amanga, ingane engalaleli noma u-waiter ongenamusa ngesidlo sasemini. Ukuthatha uhambo lokuthanda njengoJesu kushintsh impilo. Ukuthanda ngokucabanga ngephakade. Kunzima, kodwa kunenzuzo!

Shannon Morrison
Life.Church South Oklahoma City

Usuku 5Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

Love Like Jesus

Singafunda kanjani ukuphila njengoJesu uma singaqali ngokuthanda njengaYe? Funda kanye nabasebenzi nabalingani be-Life.Church ngenkathi bekhuluma ngabakwaziyo kanye nemiBhalo enza bafise ukuphila impilo egcwele nokuThanda Njengo Jesu.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusinikeza lendlela yokufunda. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.life.church.tv