Thanda Njengo JesuIsampula
UJesu Nomakuphi
Kwakushisa, kuwubusuku bentwasahlobo mhla umndeni wethu uyobuka ibhola enyuvesi eseduzane. Indodakazi yami yayineminyaka ewu-5, umasifika, yabona umfanyana edlala yedwa. Yayingamazi. Wayengasikhulumi iSingisi lomfana futhi wayehlukile ngezindlela eziningi, kodwa lokho akumvimbanga ukuthi adlale naye amumoyizelele. Bachitha lobo busuku behleka bedlala, futhi ekupheleni komdlalo wabo, bahlala otshanini bekhathele bejabule, bencikene.
Ngenkathi bedlala, umyeni wami nami wathola abazali bakhe wazazisa. Lokho kwaqala ubungani obuhle nalomndeni omuhle ovela kwelinye izwe, amasiko, kanye nenkolo. Kwasinika ithuba lokubamema ezimpilweni zethu, futhi lokho kwadlala indima enkulu kithi. Lokho kwaba yithuba elihle lokwabelana ngothando lukaNkulunkulu ngendlela ebonakalayo neseduzane, futhi kwaqhubeka kwaba ubudlelwane obuhle emndenini wethu. Kwasenza sakhula futhi sashintsha saba ngcono.
Konke lokhu kwaqala ngoba indodakazi yethu yathanda umfanyana njengoJesu. Akakhethi bala lamuntu. Usamkela njengoba sinjalo, noma umsuka wethu unjani, ungena ezimpilweni zethu njengokumkela kwethu.
Wagcina nini ukumema noma ukwamkela umuntu ongafani nawe? Uma kade wagcina, cela uNkulunkulu akuvule amehlo ubone ithuba elilandelayo. Uma esekwenza, lindela ukuphendula. Kungashintsha impilo yakho.
Amanda Sims
Life.Church Church Online
Mayelana naloluHlelo
Singafunda kanjani ukuphila njengoJesu uma singaqali ngokuthanda njengaYe? Funda kanye nabasebenzi nabalingani be-Life.Church ngenkathi bekhuluma ngabakwaziyo kanye nemiBhalo enza bafise ukuphila impilo egcwele nokuThanda Njengo Jesu.
More