Thanda Njengo JesuIsampula

Love Like Jesus

USUKU 4 KWEZINGU- 13

Injongo Yobuhlungu

Eminyakeni edlule, unkosikazi wami nami sazithola siphuke izinhliziyo sisebuhlungwini ngesikhathi sizama ukuqala umndeni. Abangani bethu babethola owkuqala, nowesibili umntwana ... thina sibuza uNkulunkulu ukuthi kungani singamtholi owethu. Emva kweminyaka emine, sabona ukuthi ukuthi ukungabatholi abantwana kwakuyingxenye yohlelo olukhulu. Kwavele kwajika kwaba yinto enkulu kunalokho esasikucabanga. Kodwa ngaphambi kwesimangaliso, yini eyasiqinisa ebuhlungwini bethu? I-LifeGroup yethu.

BAsithanda njengoJesu basithwalisa ubuhlungu nokujabha esasihamba nabo usuku nosuku. Basikhombisa ngokungangabazeki Amahubo 34:18 kithina. Sazizwela ukududuzwa nguNkulunkulu sonke isikhathi uMoya oyiNgcwele esebenza kwi-LifeGroup yethu.

Ngenxa yokusekeleka, saba nesibindi sokuphumela eshashalazini sikhulume ngohambo lwethu bese sabelana nabanye abashadikazi ngohlelo lukaNkulunkulu nokuthi ababodwa kuloluhambo. Kodwa uNkulunkulu akamanga lapho. Emva kweminyaka emine sizama ukuthola umntwana, sizama ukulondoloza imali yokwenza i-in vitro fertilization, ukubhalisela ukuba abazali abakhusel aizintandane, futhi ngaphambi kokuthi uNkulunkulu avule umnyango womsebenzi omusha okude ngamahora a-16 emndenini wethu, uNkulunkulu waphendula imithandazo yethu.

Emzuzwananeni, yonke into yashintsha. Unkosikazi wami wathola ukuthi ukhulelwe! Emva kwezinyangana, u-Emma wethu omuhle wafika emhlabeni, futhi qagela ukuthi obani esabatshela kuqalal? I-LifeGroup yethu. Ibona abantu ababesisiza besithwalisa umthwalo wobuhlungu bethu ngenkathi singasakwazi ukuzithwalela thina, futhi yibona abasijabulela kakhulu!

MAnje yini obhekene nayo namhlanje? Uma uzizwa uwedwa, yazi ukuthi lokho akusilo iqiniso ngoba uKristu uhamba nathi yonke indlela bese ebeka abantu abathile endleleni yethu ngezizathu ezihlukile. Uma sizwa ubuhlungu, kumele sazi ukuthi asibona abokuqala futhi asibona abokugcina. Kodwa sinomsindisi oseduze nezinhliziyo zethu ngezinkathi ezimnyama kakhulu. Ngakho-ke uma sinaleliqiniso esingabambelele kulo, singaba yilabo abakhombisa abanye lowo omkhulu kunezinhliziyo zakho ezidangeleyo, ongabathwala kukho konke aze abafikise enjongweni yobuhlungu babao. Igama lakhe nguJesu.

Ubuhlungu bethu bungubufakazi bethu. Buyindaba yethu esho ukwethembeka kukaNkulunkulu. Futhi ebuhlungwini bethu,singathembela kuNkulunkulu sazi ukuthi uyasithanda, unathi, futhi ungaphezu kokwanelekiseka konke.

Jay Porter
Life.Church Keller

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Love Like Jesus

Singafunda kanjani ukuphila njengoJesu uma singaqali ngokuthanda njengaYe? Funda kanye nabasebenzi nabalingani be-Life.Church ngenkathi bekhuluma ngabakwaziyo kanye nemiBhalo enza bafise ukuphila impilo egcwele nokuThanda Njengo Jesu.

More

Sithanda ukubonga i Life.Church ngokusinikeza lendlela yokufunda. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.life.church.tv