Thanda Njengo JesuIsampula
Umbandela kaNkulunkulu
UNkulunkulu unombandela. Lokhu nguyakwazi. UNkulunkulu uyaphila, uyangenelela, futhi usemsebenzini namhlanje njengoba ayesemsebenzini izinkulungwane zeminyaka njengemibhalo isho. Ekuqaleni, wadala konke ukuthi kube nobudlelwano nokunyr kube kuhle. Kodwa, indalo yakhe edlula zonke yamala. Kusukela lapho, uNkulunkulu uhlala ezama ukusibuyisela kuYe. Indaba yothando edlula zonke. UNkulunkulu ungena lapho kuyingozi khona ukusikhipha. Ungena emlilweni uma sibambeke ngaphakathi. Uncibilikisa izinhliziyo zethu uma izindonga zokwesaba, inzondo, amahloni, nokuzingabaza zimile. Okudlila konke ukuthi, usibizela kumbandela wakh wethemba.
Sasiyizitha sikaNkulunkulu, sikhetha izithixo. Wasithanda kangaka waze wanikela ngeNdodana Yakhe eyayizelwe yodwa. Enzela thina. Izitha Zakhe. Umzekelo lona esibekelwe wona. Ithemba lethu, nombandela esibizelwe ukungena kuwo ukuthanda izitha zethu. Ukuvangela okukhulu kakhulu lokho esingakwenza. Kungaphezu kwamagama nezenzo. Impilo ezibandakanya umbandela kaNkulunkulu. Uma umhlaba ubona abantu bekwazi ukuzibamba, bekwazi ukuba nomusa nokungaziphindiseleli nokuma ndawonye nabanye, nokuzehlisa okwanele ukubona amandla ebuthakathakeni, bese izwe lizokuza lazi kuKhristu njengoba enjalo —i-cruciform.
Joey Armstrong
Life.Church Broken Arrow
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Singafunda kanjani ukuphila njengoJesu uma singaqali ngokuthanda njengaYe? Funda kanye nabasebenzi nabalingani be-Life.Church ngenkathi bekhuluma ngabakwaziyo kanye nemiBhalo enza bafise ukuphila impilo egcwele nokuThanda Njengo Jesu.
More