Thanda Njengo JesuIsampula
Sixolelwe Ndawonye
Ngakhuliswa esontweni, kodwa ngeqiniso, ngangiphila ngathi uNkulunkulu akekho. Uma kunamathuba efika okuthi ngikhombise uthando esikolweni nasemsebenzini, ngangingawathathi. Ngangingenamusa. Ngangizicabangela mina futhi ngiphakeme. Uma ngibheka emuva, okwakungihaqile konge kwakukubi: abangani ababi, ubudlelwane obubi, ucansi, i-pornography, notshwala. Ngangihamba nabantu ababi, ngiqamba amanga kubazali bami, ngiqamba amanga kubangane bami, ngiphuza, ngiziphakamisa. Ngenkathi sengiphakathi nokufunda ekolishi, ngasengenza izinto ezimbi ezazimosa umzimba wami nempilo yami.
Kwase kufika u-2010 ngezikhathi zePhasika. Umndeni wami wawumenywe e-Life.Church. Ngalesosikhathi sasingakaze siye esontweni eminyakeni embalwa. Kwakuyisikhathi esibucayi empilweni yami neyomndeni wami, nalesimemo safika ngesikhathi esihle impela. Sathi uma singena wonke umuntu wasenza samukeleka. Kwakuyinto engangikaze ngiyizwe ngingena enkonzweni. Leyontshumayelo yokuqala engayilalela, ngezwa uthando noxolelo lukaNkulunkulu engangingakaze ngikuzwe empilweni yami. Intshumayelo yayikhuluma ngokuxolela, futhi ngaqonda indaba kaJesu nothando lwaKhe. Anilindanga. Nganquma ukunikela impilo yami kuKhristu kusukela kulolosuku. Ngezwa uNkulunkulu engihlanza kukho konke okubi engangiwenza, ngenziwa musha. Akuphelelanga lapho, kodwa. Ngabona ukuthi ngidinga ukwesekelwa. Ngangidinga ukujoyina i-LifeGroup, okuyidlanzana labantu abenza impilo ndawonye. Ngathola iqembu labantu abangagami elalihlangana ngLwezibili, ngahlanganyela nabo. Ilapho kwashintsha konke khona.
Lababantu bangithanda, bangamukela, phezu kwakho konke, bangikhombisa ukuthi ukuphilela uKhristu kubukeka kanjani. Asoze ngikhohlwe ukuthi lababantu bangithanda njengoJesu. Bangamukela njengoba nginjalo, bangisiza ukuthi ngidlule kwimuva lami ngamukele impilo entsha uNkulunkulu ayengibekele yona. Ngazizwa ngamkelekiIe, abangihlulelanga ngenxa yemumva lami. Bangikhombisa uthando nokusekelwa engangikudinga ngesikhathi esibucayi empilweni yami. UNkulunkulu wasebenzisa leliqembu lalababantu abaneminyaka yo-20 ukuthi ngibe ilomuntu enginguye manje. Namhlanje, sengingomunye osebenza ebandleni, onakekela amaqembu amancane, futhi ngizwa izindaba ezinhle ngokuthi izimpilo zabantu zishintsha kanjani ngenxa yothando lukaKhristu. UNkulunkulu angayishintsha impilo yakho, futhi isikhathi esiningi, usebenzisa abantu abasempilweni yakho.
Spencer Aston
Life.Church Broken Arrow
Mayelana naloluHlelo
Singafunda kanjani ukuphila njengoJesu uma singaqali ngokuthanda njengaYe? Funda kanye nabasebenzi nabalingani be-Life.Church ngenkathi bekhuluma ngabakwaziyo kanye nemiBhalo enza bafise ukuphila impilo egcwele nokuThanda Njengo Jesu.
More