Amazwi kaJesu EsiphambanweniIsampula
IZWI LESINE
Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungisheyeleni na? (NgokukaMathewu 27:46)
La mazwi kaJesu akufanele sisondele kuwo kalulana. Ajulile, anzima, abuhlungu. Masiwahlolisise ngenhlonipho enkulu, nangovalo. Kulesi sikhathi sekuntambama. Kumnyama emhlabeni wonke ngendlela esabisayo. Ngaso sonke lesi sikhathi uJesu akakhulumi lutho. Kodwa kwathi sekuyihora lesi-3 ntambama wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” (Math. 27:46). Abanye bayawabalekela la mazwi. Bathi uNkulunkulu wayengenakumshiya uJesu. Kodwa akufanele siwabalekele. Kufanele sisondele siwaqaphelisise.
LA MAZWI ANZIMA AGCWELE UBUHLUNGU
UJesu wayejwayelene kakhulu noNkulunkulu. Wayehlala njalo ebubona ubuso bukaNkulunkulu kodwa manje usithele. Akasekho eduze naye. UMSHIYILE. Kwankeneneza ezintabeni zaseJerusalema izwi lakhe losizi lapho ememeza ngezwi elikhulu ethi: “Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” UJesu wakuzwa masinyane khona lapho ukuthi uNkulunkulu usemshiyile. Ubuhlungu bonke bomzimba abumkhalisanga, kodwa ukushiywa uNkulunkulu kwamkhalisa. Eqinisweni abukho ubuhlungu obungangalobu. Zonke izinsizi nezinhlungu zomlilo wasesihogweni ziphelele kuleli zwi elithi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyelani na?”
LA MAZWI AQONDENE NATHI
Inye into kuphela emenza uNkulunkulu amfulathele amyeke umuntu. ISONO kuphela. Uyasizonda. UJesu wayengenaso nesisodwa isono. Kodwa manje esikhathini sobunzima uNkulunkulu wamshiya. Wamshiyeleni na? Impendulo inye kuphela. UJesu ubethwele izono okungesizo ezakhe. Yonke imfuthumfuthu yezono zethu sonke yabekwa phezu kwakhe, kwaba sengathi izono zethu ngezakhe (2 Kor. 5:21). Zonke iziqalekiso zezono zethu zatheleka phezu kwakhe ukuze kuvuleke indlela yokuba kutheleke izibusiso phezu kwethu. Wakuthwala emzimbeni wakhe emthini ukuze sisindiswe thina.
LA MAZWI AYIMVUSELELO KITHINA
Ayasikhumbuza ukuthi ngokwemvelo yethu sonke sikule ndlela yokushiywa uNkulunkulu. Wena ongakaphenduki, ubokhumbula ukuthi iyo le ndlela ohamba ngayo. Ukungabikho ebusweni beNkosi kuyisijeziso esesabekayo. Bheka, manje kulusuku lwensindiso (2 Kor. 6:2). Uthini wena, mfundi? UJesu wazihlanganisa nathi ekuqalekisweni kwethu nasekungcoleni kwethu. Indlela yokuthethelelwa nokusindiswa ivuliwe kulowo odabukayo ngezono, azivume, obeka ithemba lakhe kuJesu nokufa kwakhe esiphambanweni.
Sengathi le ndaba ingaba imvuselelo kithina makholwa nathi, sibancenge ngesineke abangakaphenduki. Nathi sesabe konke okuthanda ukusahlukanisa noNkulunkulu. Sihlale siqaphele njalo uma sekukhona intwana emsithayo, sisheshe siyilungise.
Mayelana naloluHlelo
Inkulu kakhulu indaba yokufa nokuvuka kukaJesu. Siyozama ukuwabheka amazwi awakhulumayo uJesu lapho elenga esiphambanweni esifela. La mazwi aqondene nathi, ngalokho sidinga ukusondela kuwona ngokuthobeka nangokukholwa.
More
Sithanda ukubonga i-UBI Publishing ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele https://publishing.ubi.ac.za/