NgokukaMathewu 27:45-49

NgokukaMathewu 27:45-49 ZUL59

Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?” Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Lo ubiza u-Eliya.” Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphusiza. Kepha abanye bathi: “Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.”