Amazwi kaJesu EsiphambanweniIsampula

Amazwi kaJesu Esiphambanweni

USUKU 8 KWEZINGU- 8

IZWI LESIKHOMBISA

Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami. (NgokukaLuka 23:46)

La mazwi ngawokugcina awakhulumayo uJesu esesiphambanweni. Anesisindo amazwi omuntu ofayo. Kaningi akhomba umuntu ukuthi unjani. La mazwi kaJesu akhomba okokuqala ubudlelwane bakhe noNkulunkulu. Uthi uJesu, “Baba.” UNkulunkulu useduze manje. Akasamfulatheli. Akhomba futhi ukuphumula komphefumulo wakhe. Kumnandi ukuphumula ezandleni zikaNkulunkulu. Izandla zakhe zinamandla. Akakho ongamthintha umuntu lapho. Okokugcina, amazwi kaJesu akhomba ukungabikho kovalo lokufa. Umzimba uyafa, kodwa umoya wakhe usezandleni zikaNkulunkulu. UJesu usikhombisile ukuthi ukufa akwesabeki kulowo owazana noNkulunkulu.

AMAZWI ANAMANDLA ENKOSI YOKUPHILA

La mazwi akusiwo kuphela awomuntu ofayo. Kukhuluma iNkosi yokuphila. Ukuphila kusesandleni sakhe. Umoya wakhe uyawunikela eza­ndleni zikaNkulunkulu. Awuthathwa. Uyawu­nikela. Unokuphila ngokwakhe, uyinkosi yokuphila. Akakho owayenamandla okumbulala. Bonke abaphilayo, baphila ngaye, ngoba nguye oyiNkosi yokuphila konke. Pho, wafa kanjani? INkosi yokuphila yakubheka phansi ukuphila, yavuma ukufa. Uthi: “Ngikudela ngokwami; nginamandla okukudela, nginamandla okubuye ngikuthabathe” (Joh. 10:18). Kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni kwendlela yakhe yosizi wayehlupheka ngoba evuma.

AMAZWI KAJESU ESIPHAMBANWENI

Manje useyalenga esiphambanweni. Uyifezile intando kaYise. Konke kuphelile. Akusekho okudinga ukwenziwa. Uyakhuluma noYise manje uthi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Sengathi uthi: Baba, sengiqedile. Yamukela umoya wami. La ma­zwi akhe ayasitshela ukuthi ukufa kwakhe kwamthokozisa futhi uNkulunkulu.

Kwasekuqaleni yayikhona imihlatshelo eyayingavunywa uNkulunkulu. Ayimenelisanga. Yayimiselwe isikhathi esiphelayo. Yayingenakuzisusa izono. Yayizisibekela nje. Wayamukela kuphela ngoba ikhomba uJesu ozofika. Safika isikhathi sokuphela kwayo. UJesu ufikile. Uyakhuluma uJesu uthi: “Ngize ukuyenza intando yakho, Nkulunkulu” (Heb. 10:4-9). IMvana kaNkulunkulu ingumhlatshelo opheleleyo. Umhlatshelo uvunyiwe. Uyamenelisa uNkulunkulu. Likhokhiwe lonke icala lethu ngendlela emenelisayo uMahluleli wethu sonke. Akusoze kuphinde kufuneke omunye umhlatshelo. Kwanele. Lento yenziwe ngokuvumelana kweNdodana noYise. Intando kaYise yenzekile ngokugcweleyo. INdodana ithi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.”

AMAZWI OKUGCINA

Uthini ngamazwi akhulunywa uJesu esebunzimeni bokufa esiphambanweni? Sengathi la mazwi angakulethela insindiso uma ungasindisiwe. Uma usindisiwe, akujulise ekukholweni kwakho. Libala kaningi ezindabeni zokufa kukaJesu. Cabangisisa kaningi ngala mazwi awakhulumayo.

Lolu hlelo lokufunda luthathwe encwadini ka-B. A. Johanson, Amazwi KaJesu Esiphambanweni, © 2022 i-UBI Publishing, umnyango wezokushicilela we-Union Bible Institute.

Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

Amazwi kaJesu Esiphambanweni

Inkulu kakhulu indaba yokufa nokuvuka kukaJesu. Siyozama ukuwabheka amazwi awakhulumayo uJesu lapho elenga esiphambanweni esifela. La mazwi aqondene nathi, ngalokho sidinga ukusondela kuwona ngokuthobeka nangokukholwa.

More

Sithanda ukubonga i-UBI Publishing ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele https://publishing.ubi.ac.za/