Amazwi kaJesu EsiphambanweniIsampula

Amazwi kaJesu Esiphambanweni

USUKU 4 KWEZINGU- 8

IZWI LESITHATHU

Mame, bheka indodana yakho . . . Bheka, unyoko. (NgokukaJohane 19:26-27)

Sengathi umsindo nokuxokozela besekuthulathulile esiphambanweni. Isixuku sezibukeli sesibuyele emzini. Abafarisi nababhali nabanye ababembhinqa sengathi basahambile. Ko­dwa kukhona isixukwana esimi sithulile seduze nesiphambano sikaJesu. Izihlobo zakhe ezinothando olunamandla kunovalo. Yibona akhuluma nabo uJesu manje. Ake siwabhekisise kancane la mazwi awakhulumayo uJesu kuMariya noJohane.

AMAZWI KAJESU

Kunina wathi: “Mame, bheka indodana yakho.” KuJohane wathi: “Bheka unyoko.” Wakubona ukudazuluka kukanina waqonda kahle ukuthi amanye amadodana akhe abengenakumduduza ngoba abengakakholwa uJesu (Joh. 7:5). Wamnikezela kuJohane owayenokumduduza ngokufaneleyo. Uyamkhumbuza unina ukuba angabambeleli kuye njengonina ebambelela kumntanakhe. UMaria wayenikiwe ukuba abe ngunina kaJesu ngesikhashana leso sobuntwana bakhe, kodwa wayengazange abe ngumntwana wakhe ngokupheleleyo njengabanye abantwana, ngoba yena unguNkulunkulu.

Lapha esiphambanweni uJesu uyasifeza asiphelelise esinye isikhundla sakhe. Ezikhathini ezizayo uMariya akazukumkhumbula uJesu kangako ngendlela yokuba engumntanakhe, uzomkhumbula amthande ngendlela yokuba enguMSINDISI wa­khe. UMariya wayedinga ukusindiswa ngegazi lika­Jesu njengabo bonke abanye abantu. Akamlahli unina uma emupha uJohane. Qha, uyamhlanganisa nalabo asho ngabo ngeqiniso ethi: “Nampa abafowethu, nodadewethu, nomame” (Mark. 3:31-35).

UKULALELA KUKAJOHANE

UJohane wayengacabangile ukuthi angaphiwa umsebenzi onje, kepha ngenxa yothando lwakhe olukhulu wamthabatha uMariya kusukela kulolo suku wamyisa ekhaya lakhe. Kungumthwalo ukondla umuntu, kodwa uJohane akawubalekelanga. Baningi abathi bebuya esiphambanweni sikaJesu babuye sebethwele umthwalo ababengenawo bengakabonani noJesu. Sebezinikelele emsebenzini wakhe onzima enyameni kodwa olula nge­nxa yothando abanalo.

Labo abambonileyo uJesu ngale ndlela bawela izilwandle bayosebenza phakathi kwabantu bezinye izizwe. Bayawashiya amakhaya abo amahle, namabizinisi, nezimali, bahambe ngezindlela ezilukhuni beshumayela ivangeli. Kwenziwa yini? Babona uJesu esiphambanweni bamuzwa ekhuluma ethi: “Nazi izimvu zami ezilahlekileyo.”

Uyakhuluma uJesu kulabo abasondelayo kuye, kulabo abangabaleki nxa sekunzima. Uyabakhombisa abantu ababulawa izono, uyabakhombisa labo abangakalizwa ivangeli, abafela ebumnyameni ngoba bengatshelwa muntu ngokufa kwakhe. Uthini, wena, mfundi, ngale ndaba? Ayadingeka amakholwa ajwayele ukuhlala ngasesiphambanweni sikaJesu alizwe izwi lakhe lapho ekhuluma ngabantu abafelayo. UJesu uyathanda ukukunika umsebenzi ongamenzela wona. Sondela manje ulalele.

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Amazwi kaJesu Esiphambanweni

Inkulu kakhulu indaba yokufa nokuvuka kukaJesu. Siyozama ukuwabheka amazwi awakhulumayo uJesu lapho elenga esiphambanweni esifela. La mazwi aqondene nathi, ngalokho sidinga ukusondela kuwona ngokuthobeka nangokukholwa.

More

Sithanda ukubonga i-UBI Publishing ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele https://publishing.ubi.ac.za/