Amazwi kaJesu EsiphambanweniIsampula

Amazwi kaJesu Esiphambanweni

USUKU 2 KWEZINGU- 8

IZWI LOKUQALA

Baba, bathethelele, ngokuba abakwazi abakwenzayo. (NgokukaLuka 23:34)

Uma siyifundisisa kahle indaba yokubethelwa kukaJesu Kristu njengokulandwa kwayo emavangelini omane sizobona ukuthi uJesu wakhuluma kasikhombisa eselenga esiphambanweni. Anesisindo amazwi omuntu ofayo. Siyozama ukuwachaza la mazwi kaJesu siwahlole njengokulandelana kwawo, ngo­ba nalokho nje ngokwakho kuyindaba enkulu.

Nxa selithethiwe icala likaJesu uPilatu washo ukuthi alikho icala kuye. Kodwa esikhundleni salokho wanikelwa emabuthweni kwathiwa makambethele. Laba abambethelayo ba­bejwayele ukubezwa labo ababethelwayo bekhuluma okuningi okubi. Kodwa uJesu wathula. Kwathi besamangele, wakhuluma. Uthini? Uthi: “Baba, bathethelele, abakwazi abakwenzayo.” Ngelokuqala lelo elaphuma emlonyeni wakhe. Masiliqaphelisise.

LIBONAKALISA UKONAKALA KWENHLIZIYO YOMUNTU

Izono zavela obala ngalelo langa

UPetru nxa ebashumayeza abaJuda abambulalayo uJesu wathi: Nambamba, “nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala.” (IzE. 2:23). Zonke lezo zandla ezimbi wazibona kamhlophe uJesu. Uthini? Uthi: “Baba BATHETHELELE.”

Siyadinga ukuthethelelwa izono esingazaziyo

UJesu wathi abakwazi abakwenzayo. Kodwa badinga ukuthethelelwa nokho. Ziningi izono ezenziwayo ngabantu abangaqondi ukuthi benza izono. UJesu uthi: “Baba, bathethelele aba­kwazi abakwenzayo.”

Izono esizaziyo zimbi kunalokho esikwaziyo thina

Babezazi nganhlanye izinto abazenzayo labo abambethela uJesu, kodwa babengenakuzazi ngokupheleleyo izono zabo. Babengaboni ukuthi bamlahla nje uJesu, balahla ithemba elilodwa lokusindiswa kwabo. Impela abakwazi abakwenzayo. Lo mthandazo uyadlula kulabo abambulalayo. Uyafinyelela nakuwena.

LIBONAKALISA UBUKHULU BOMUSA KANKULUNKULU

Alukho uthando olungangalolu. Laba abamzonda kangaka akabafiseli ukushaywa nokulahlwa, ubafisela ukuthethelelwa. UJesu uyazelula izandla zakhe nakulabo abangabahluphi nababulali bakhe. Uyamangalisa umusa ongaka. Sasingenakuthethelelwa nesisodwa isono uma uJesu engalithwalanga icala laso, kodwa ngomusa wakhe omkhulu wavuma ukuba azithathe zonke izono zabantu bonke emhlabeni wonke.

LISIKHUMBUZA IMIKHAWULO YOKUTHETHELELWA

Akubonakali ukuthi bathethelelwa bonke laba bantu abakhulekelwa uJesu ngalelo langa. Kwala noma sebekhulekelwa iNdodana kaNkulunkulu uqobo lwayo. Ngosuku lwePentekoste uPetru washumayela, wathi: “Phendukani, yilowo nalowo abhabhadiswe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu” (IzE.2:38). Ongavumanga ukuphenduka akathethelelwanga.

Umuntu uzivimbela yena ukuba angathethelelwa. Kuphelile ngakuJesu. Icala likhokhiwe. UJesu uyafisa ukubathethelela bonke, kodwa ongaphendukiyo akasoze athethelelwe. Uthini wena mfundi? Uyafuna ukuthethelelwa izono zakho na? Alidingi ukushona ilanga ungathethelelwanga.

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Amazwi kaJesu Esiphambanweni

Inkulu kakhulu indaba yokufa nokuvuka kukaJesu. Siyozama ukuwabheka amazwi awakhulumayo uJesu lapho elenga esiphambanweni esifela. La mazwi aqondene nathi, ngalokho sidinga ukusondela kuwona ngokuthobeka nangokukholwa.

More

Sithanda ukubonga i-UBI Publishing ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele https://publishing.ubi.ac.za/