Amazwi kaJesu EsiphambanweniIsampula

Amazwi kaJesu Esiphambanweni

USUKU 6 KWEZINGU- 8

IZWI LESIHLANU

Ngomile. (NgokukaJohane l9:28)

Ilona lodwa izwi alikhulumayo uJesu esesiphambanweni eliqondene nobuhlungu abuzwayo emzimbeni wakhe. Walikhuluma sekusondele isikhathi sokufa kwakhe. Ake siqaphele ukulandwa kwalo NgokukaJohane 19:28, “Emva kwalokho uJesu, ekwazi ukuthi konke sekuphelelisiwe ukuba umbhalo ugcwaliseke, wathi: ‘Ngomile.’”

UKOMA KWASEMZIMBENI

Leli zwi lifakazela ubuntu bukaJesu. Wayengumuntu opheleleyo okuzwayo konke esikuzwayo thina. Kodwa masikhumbule ukuthi unguNkulunkulu futhi ngokupheleleyo. Umdali wemvula eyehlikayo ezulwini imatisa umhlabathi owomileyo igcwalise imifula uyalenga esiphambanweni. Uyakhuluma. Uthini? Uthi: “Ngomile.” Izindebe zomile, ulimi luvuvukele ukomela amanzi, umzimba wonke uyaqaqamba izinhlungu ezesabekayo. Nxa uJesu ethi: “Ngomile,” liyavela obala leli qiniso lokuthi: “ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu” (Joh. 1:14).

UKOMA KWASEMPHEFUMULWENI

Womela ukuhawukelwa nokududuzwa. Wayengekho noyedwa owayenokumduduza amsize uJesu ekuhluphekeni kwakhe. Bonke babeyizibukeli, lo msebenzi wawenza eyedwa. Wayengekho omdabukelayo, wayengekho omduduzayo.Wakhala wathi: “Ngomile.” Womela naye uNkulunkulu. Wayesho ukoma okungenakuqedwa amanzi. Umphefumulo wakhe womele uNkulunkulu, uNkulunkulu ophilayo (AmaH. 42:1-2). Womela nawe moni. UJesu waya esiphambanweni eqonda kahle ukuthi ubuhlungu baso bungakanani. Kwakukhona ukuthokoza akubonayo ngaphambi kwakhe. Lokho kwamenza ukuba asithwale isiphambano engalinaki ihlazo laso (Heb. 12:2).

UKOMA OKWAKUFANELE THINA

Isitsha sakhe sokuhlupheka bese sigcwele. Kusathelwa lokhu koma okwesabekayo. Ngokwami lokhu koma. Ngokwakho lokhu koma. Ngokomhlaba wonke lokhu koma. Kwakuyisabelo sethu ukuba siphonswe emlilweni simemeze emini nasebusuku sithi: "Ngomile! Ngomile!" Kodwa uJesu wayivula indlela yokuba sisindiswe kulokho. Nxa ememeza uJesu ethi: “Ngomile,” kwavuleka umthombo wamanzi aphilayo esingaphuza kuwo thina singabe sisoma naphakade.

Masiqale manje simbonge. Masizinikele kuye ngokupheleleyo. Masingamgodleli lutho. Usivulele indlela. Sesinegunya lokuthi nathi sizobalwa kanye nalabo okushiwo ngabo ukuthi: “Kabasayikulamba, kabasayikoma, kabasoze bahlatshwa yilanga nakushisa kuni, ngokuba iWundlu elingaphakathi nesihlalo sobukhosi liyakubelusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila; noNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo” (IsAmb. 7:16-17). UJe­su wafinyelela endaweni yokoma okunzima ukuze sifinyelele thina kuleyo ndawo yokuphumula.

Usuku 5Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

Amazwi kaJesu Esiphambanweni

Inkulu kakhulu indaba yokufa nokuvuka kukaJesu. Siyozama ukuwabheka amazwi awakhulumayo uJesu lapho elenga esiphambanweni esifela. La mazwi aqondene nathi, ngalokho sidinga ukusondela kuwona ngokuthobeka nangokukholwa.

More

Sithanda ukubonga i-UBI Publishing ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele https://publishing.ubi.ac.za/