Amazwi kaJesu EsiphambanweniIsampula

Amazwi kaJesu Esiphambanweni

USUKU 7 KWEZINGU- 8

IZWI LESITHUPHA

Kufeziwe. (NgokukaJohane 19:30)

“Kwathi ukuba uJesu ewamukele uviniga, wathi: ‘Kufeziwe.’” Leli zwi elithi kufeziwe lifushane, kodwa lisho okukhulu kakhulu. Wayesho into egcweleyo. Wayethi akusekho lutho oludingukwenziwa. KUPHELELE. Kuphelile ngendlela yokuthi kufezekile. Sekwanele. Sekugcwele. Sizothinta izinhlangothi ezintathu owayengasho ngazo ukuthi kuphelele.

KUPHELELE UKUHLUPHEKA KWAKHE

Akusilelanga lutho ekuhluphekeni kukaJesu. Wahlupheka waze wathi: Kufeziwe. Kusukela ekufikeni kwakhe emhlabeni, kuze kube usuku lokufa kwakhe wayehlupheka. Wasiphuza sonke isitsha esibabayo sezono zethu. Walithwala ihlazo lethu, nobubi bethu nosizi lwethu. Kwaze kwaphelela konke okwakulotshiwe ngaye. Zaphelela zonke izinsizi. Wakuthwala konke, waze wamemeza wathi: Kufeziwe. Kodwa kuphelele nje, kuphelile futhi. Kuphelile ukuhlekwa, nokubhinqwa abantu ababi. Sekusele ukuba aphakanyiswe aphiwe igama elingaphezu kwamangama onke emhlabeni nasezulwini. Kuphelile ngoba kuphelele. Waqinisela waze wathi: Kufeziwe.

KUPHELELE UKUNQOTSHWA KUKASATHANE

Kusukela ekuqaleni uyalwa noNkulunkulu uSathane. Yayishisa impi, kodwa wanqotshwa ngokupheleleyo uSathane. USathane wayenamandla okufa, kodwa uJesu wamaphuca wona ngale­lo langa. Namanje uSathane usakhonzwa abantu abaningi ngoba bekwesaba ukufa. Abanye bahlabela amadlozi ngoba bethi khona bezophila kangcono. Kodwa, okholwa uJesu akasadingi ukumesaba uSa­thane ngoba unqotshiwe. Uyisitha esahluliweyo. Kuphelele ukunqotshwa kwakhe. Iziboshwa za­khe zingaphuma ejele lakhe uma zithanda. UJesu wayilwa impi yaze yaphela, wamemeza wathi: Kufeziwe. Kuphelele.

KUPHELELE UKUHLENGWA KWETHU

UJesu weza lapha emhlabeni ukuzobasindisa abalahlekileyo. Weza ukuba anikele ngokuphila kwakhe kube yisihlawulo sabaningi (Math. 20:28). Lo msebenzi wawufeza eGolgotha. Indlela yokuthethelelwa ivuliwe. Indlela yokulungisiswa itholakele. Indlela yokukhululwa esonweni ikhona. Indlela yobungcwele ilungisiwe. Nxa ememeza ethi: “Kufeziwe,” wayesho ukufezeka kwalo msebenzi omkhulu.

Indlela yokuphila isobala. Kuphelele ukuhlengwa kwethu. Ayikho enye indlela evunywa uNkulunkulu. Kuphelele. Kwanele. Kugcwele. Yonke imizamo yethu ayinakwenelisa lutho ngoba kuphelele. Mbonge uphume ejele likaSathane. Uzothethelelwa ngesihle. Ukuphila okuphakade uzokuthola ngesihle. Uma usukubonile lokho awusoze ufune ukubuyela futhi lapho ekungcoleni kwezono. Uzomkhonza ngenhliziyo epheleleyo uMsindisi wakho.

Wena osindisiweyo ungathuli nale ndaba emnandi. Memeza ungathuli, bezwe bonke abasemathunzini okufa, bezwe bonke abasemajele kaSathane. Abahlulwa izono, memeza ubatshele izindaba ezimnandi. KUPHELELE! KUFEZIWE!

Usuku 6Usuku 8

Mayelana naloluHlelo

Amazwi kaJesu Esiphambanweni

Inkulu kakhulu indaba yokufa nokuvuka kukaJesu. Siyozama ukuwabheka amazwi awakhulumayo uJesu lapho elenga esiphambanweni esifela. La mazwi aqondene nathi, ngalokho sidinga ukusondela kuwona ngokuthobeka nangokukholwa.

More

Sithanda ukubonga i-UBI Publishing ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele https://publishing.ubi.ac.za/