Amazwi kaJesu EsiphambanweniIsampula

Amazwi kaJesu Esiphambanweni

USUKU 1 KWEZINGU- 8

AMAZWI ESINGENISO

Indaba yokufa nokuvuka kukaJesu Kristu iyindaba yezindaba emhlabeni wonke. Iyisisekelo sevangeli elisindisa umuntu ezonweni zakhe. Iyaphathwa kaninginingi eBhayibhelini. Iyona ndaba ababeyishumayela uPawulu nabanye abaphostoli. UPawulu uyabakhumbuza abaseKorinte ukuthi wafika phakathi kwabo engakhulumi lutho olunye, ekhuluma kuphela indaba kaJesu Kristu obethelweyo (1 Kor. 2:2). Kwakungani lokho? Kwakungokuba esebonile ukuthi ingamandla kaNkulunkulu. Wayebonile ukuthi iyabasindisa abantu abalahlekileyo, ibabuyise endleleni kaNkulunkulu. Iyabalethela ukuphila okuphakade. Iyona eyivangeli elisindisayo (1 Kor. 15:1-4).

Le yindabakazi ngoba uJesu wafa ngenxa yezono zethu. “Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni” (1 Pet. 2:24). UJesu uqobo wafakaza ngendaba yokufa kwakhe echaza ukuthi wayengezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwakhe, kube yisihlengo sabaningi (Math. 20:28).

La mavesi, namaningi amanye ayafakaza uku­thi ukufa kukaJesu akufani nokufa kwabanye abantu. UJesu weza lapha emhlabeni eqonde ukuzokufa. UJesu wafa ngoba kuyiwona msebenzi omkhulu awuzelayo lapha emhlabeni. Iqondene nathi, ngoba wafela thina. Asinakusho ukuthi asinandaba nayo.

Le yindabakazi ngoba kuvela kuyona ukusindiswa okumangalisayo. Ngokufa kukaJesu thina esasiyizitha zikaNkulunkulu sathola ukubuyisana naye (Rom. 5:10). Indlela yavulwa yokuba sikhulumisane noNkulunkulu. Yayivaliwe ngenxa yezono zethu, ingekho indlela yokusondela kuNkulunkulu, kodwa uJesu wayivula lapho ethatha izono zethu ezithwala emzimbeni wakhe esiphambanweni. Manje indlela ivuliwe yokuba sibe nokusondela kuNkulunkulu.

Ngokufa kukaJesu seyikhona indlela yokuba sihambe lapha emhlabeni singasenalo uvalo, ko­dwa sesinokuthula ezinhliziyweni zethu. Asisadingi ukwesaba ukufa, ngoba uJesu ukwahlulile. Asisadingi ukumesaba uSathane, ngoba uyisitha esahluliweyo.

Ngokufa kukaJesu siyathola ukuthethelelwa kwezono zethu. Ziyasulwa zonke uma sikholwa uyena (Ef. 1:7). Futhi ngokufa kwakhe sivulelwe umthombo esingahlala sigeza kuwo njalo njalo, imihla yonke (1 Joh. 1:7).

Inkulu kakhulu le ndaba yokufa nokuvuka kukaJesu. Asinandawo kule ncwadi yokuba siyichaze. Siyozama kuphela ukuwabheka amazwi awakhulumayo uJesu lapho elenga esiphambanweni esifela. La mazwi aqondene nathi, ngalokho sidinga ukusondela kuwona ngokuthobeka nangokukholwa.

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Amazwi kaJesu Esiphambanweni

Inkulu kakhulu indaba yokufa nokuvuka kukaJesu. Siyozama ukuwabheka amazwi awakhulumayo uJesu lapho elenga esiphambanweni esifela. La mazwi aqondene nathi, ngalokho sidinga ukusondela kuwona ngokuthobeka nangokukholwa.

More

Sithanda ukubonga i-UBI Publishing ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele https://publishing.ubi.ac.za/