Amaphupho AhlengiweIsampula

Dreams Redeemed

USUKU 6 KWEZINGU- 7

"Ufunani?"Owayengumyeni wami wangibuza lombuzo ngesikhathi umshado wethu uchitheka. "Ngifuna wenze loko okungakaze kwenziwe yenye indoda…Ngifuna ungilwele" Izwi lami laliveva phakathi kwezinyembezi. 

Kamuva, lapho ngichusheza kwimpilo enezinselela kanye nokuvama kwesizungu sokuba ngumama ongenamyeni, nginginomuzwa wokuthi uNkulunkulu wayengibuza wona kanye lombuzo, kaningi ningi. "Ufunani?" Iminyaka eminingi, ngangingenako kimi ukumphendula. Kusizani ukuthi ngifunani? ngazibuza. 

Ngafihla konke ukulangaza nezifizo zami ngemuva kwesisho, esasizwaka sisihle kakhulu. "Intando Yakho, hhayi eyami". 

Nakuba ukuzinikela kwintando ka Nkulunkulu kuyinto enhle, kwan githatha isikhathi eside ukubona ukuthi uNkullunkulu akafuni ukulalela okomkhovu -Ufuna inhliziyo yami. Akafuni izigqila ezilandela imithetho yakhe ngoba ziphoqelekile nokuthi zicindezele intando yazo, kodwa ufuna amadodana namadodakazi alalela ngenxa yokusondelana kanye nobudlelwane. 

Ngake ngezwa kuthiwa, "Ukulangaza kuyinto enhle  Kuwukuduma kwezimangaliso ezizayo."

UNkulunkulu unendaba ngamaphupho ethu. Uyakhathala ngezifiso zezinhliziyo zethu. Uma simvumela, Usebenzisa izikhathi zokulinda ukwakha ukholo wethu bese esisondeza duze naye ngesikhathi simtshela ngezifiso zethu. Ukutshela uNkulunkulu ngamaphupho ethu kusho ukuthi sithola konke sikufunayo. Akayona imfezizifiso yethu. Kodwa isikhathi sokutshela uNkulunkulu ngamaphupho ethu kusiholela duze Naye.

Cabanga nje ukuba nomngane omkhulu noma umlingani ongakaze akutshele ngezifiso namaphupho akhe? Ngicabanga ukuthi singazizwa singasondelene nabo futhi ubudlelwane bungezwakala bungajulile. Umkhuba wokwabelana ngesikufisayo nesikufunayo kwenza ukuthi kujule ukukwazi ukusondelana noNkulunkulu kanye nabanye abantu.

Ngokwami, emuva kweminyaka yokuzama ukuphikisana nephupho lokuhlala etafuleni lesidlo nomndeni wami, ngagcina ngimtshelile uNkulunkulu ngaloko engangikufuna. Ngangifisa ukuphinda ngishade. Ngangifuna umuntu engangingabelana naye ngamaphupho nemibono yami, imisebenzi kanye nezinselele, ukuhleka kanye nokukhala.

Isikhathi sokulinda saqhubeka. Ngalesosikhathi, uNkulunkulu waqhubeka nomsebenzi wokungelapha. Wasebenzisa lesosikhathi ukungifundisa ngobuhlobo bokunikezelana nokuthi ukusondelana ngokweqiniso nabantu abaphephile kuyinnto enjani. Ngaphinda ngakhula okholweni lwami lokuthi uNkulunkulu, empeleni, ulungile. Ukuthi ubuyena bungathembeka. Izinhlelo zakhe zinhle. Wangifundisa ukuthi izimo zempilo azikushintshi loku. Wangifundisa ukuma kulamaqiniso, ngisho noma ngingabuboni ubufakazi.

U fu nani? 

Kuzozonke izifundo, uJesu ubuza lombuzo ngezindlela ezahlukene kubantu ahlangabezana nabo. Futhi ngiyakholwa ukuthi nawe ukubuza wona. Ngikukhuthaza ukuthi ucabangisise ngempendulo bese uMtshela ngayo. Uyathembeka ngezifiso zenhliziyo yakho. 

Usuku 5Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

Dreams Redeemed

Senzanjani uma kubukeka sengathi amaphupho ethu awafinyeleleki noma ayashabalala? Njengonqobe ukuhukumezeka nokukhathazeka, kanye nokwephuka kwenhliziyo ngenxa yedivosi, sengike ngabhekana nalombuzo izikhathi eziningi. Noma ngabe ubhekene nobuhlungu besigemegeme noma bokulahlekelwa, noma ukukhungatheka ngenxa yokulinda isikhathi eside, iphupho ngo Nkulunkulu lisaphila! Mhlobo, isikhathi sokuphinda uphuphe.

More

Sithanda ukubonga Harmony Grillo (I Am A Treasure) ngokusinikeza leluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://harmonygrillo.com