Amaphupho AhlengiweIsampula
Kwukungu Mgqibelo ekuseni, ngangibuka indodakazi yami eneminyaka emi-3 ilele kamnandi. Ngangilokhu ngimlinde ukuthi avuke, ngoba ngangihlele ukummangalisa ngesidlo sasekuseni asithandayo bese ngimkhipha siye kobuka imuvi futhi siyodla u-ayisikhilimu.
Ngasusa izinwele zakhe esiphongweni ngaqala ngamphulula isihlathi. "Vuka nobuthongwana," ngimnyenyezela endlebeni.
Ngokuphazima kweso, wakhahlela ngezinyawo futhi ephebeza nangezandla, "Chaaaaa! angifuni ukuvuka," Wamemeza ngokucasuka okukhulu. ubuswana bakhe bengelosi baphenduka bahwaqa baba bomvu.
Inhliziyo yami yashona phansi. Ngaphandle kokwethuswa ukuphahluka kwakhe, ngaphoxeka kakhulu ngokuthi angeke sisaba nosuku lokuzijabulisa engangimphuphele lona.
Indodakazi yami yayifuna ukuzilalela, lapho yayikhona. Yayinethezekile emaphusheni ayo. Ukuteleka kwakhe kwamenza aphuthelwe okukhulu. Ngangingasoze ngamkhipha ngimklomelisele ubuluhlaza bakhe. Ukuba wayazi ukuthi ngangimbekeleni, ingabe waziphatha ngendlela ehlukile? Ukuba wathemba uhlelo lwami, ukubawangethemba, ingabe waphendula ngendlela ehlukile?
Ngiyazibuza ukuthi ingabe angikaze yini ngiphuthelwe yiloko angibekele kona uNkulunkulu, ngoba ngangibheke kakhulu ukunethezeka lapho ngikhona. Ngijule kakhulu kulokoengangikufuna.
Kwesinye isikhathi, sifuna loko esikufunayo, sicabange ukuthi kungesikudingayo. Kodwa uma sethemba ukuthi uNkulunkulu muhle futhi uhlelo lwakhe luhle, sizolalela. Sizolandela-ngisho noma kuphazamisa izinhlelo zethu futhi kusisusa lapho sinethezeke khona. ngisho noma kusho ukuthi sekuyisikhathi sokuthi siqede ubudlelwane, imikhuba, noma ubuhlungu obusiholela emuva.
Ukwethemba kuyisisekelo sokholo-ukwethemba uNkulunkulu kusho ukwethemba uhlelo Lwakhe, ngisho noma singaluqondisisi. futhi kuyisisekelo sephupho la Nkulunkulu ngempilo yethu. Ngesikhathi lapho kwakungathi impilo engangiyazi yayiphela, ukwethemba uNkulunkulu kwanginika indawo esimeme engakwazi ukuma kuyo.
"Vuka, sthandwa sami, vula amehlo akho. Hamba nami. Nginokuhle engikuhlelele kona. Ukuze ujabulele engikubekele kona, angeke ukwazi ukuhlala lapho ukhona. Yisikhathi sokuqhubekela pahambili. sthandwa sami."
Ngikholelwa ukuthi uNkulunkulu uyasimema mina nawe ukuza ohlelweni Lwakhe olumangaza ukwedlula lokho esingakucabanga. Lolo oluzoba nokubuyiselwa nokuhlengwa kwako konke esikulahlekelwe nesikuntshontshelwe. Umbuzo ukuthi, sizomethemba ngokwanele yini?
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Senzanjani uma kubukeka sengathi amaphupho ethu awafinyeleleki noma ayashabalala? Njengonqobe ukuhukumezeka nokukhathazeka, kanye nokwephuka kwenhliziyo ngenxa yedivosi, sengike ngabhekana nalombuzo izikhathi eziningi. Noma ngabe ubhekene nobuhlungu besigemegeme noma bokulahlekelwa, noma ukukhungatheka ngenxa yokulinda isikhathi eside, iphupho ngo Nkulunkulu lisaphila! Mhlobo, isikhathi sokuphinda uphuphe.
More