Amaphupho AhlengiweIsampula

Dreams Redeemed

USUKU 4 KWEZINGU- 7

Ukuphoxeka kanye nobuhlungu kunendlela yokubhebhethekisa ukulingwa. Kusishiya sivuleleke kakhulu kwizindawo esibuthakathaka kuzo. Kungaba ukuzihlalela wedwa, ukugimba, ukuya ocansini nanoma ubani, noma ukuphuza iwayini kakhulu, isifiso sethu sokudambisa noma ukubalekela ubuhlungu kusiholela ekuthini senzelele.  Sizitshela ukuthi sifanelwe ukuthi sizizwe singcono.

Uma sinobuhlungu, kuba lula ukuthi sidele iphupho ukuze sizuze okungokwesikhashana. Induduzo elethwa okudlulayo ayinasizinzo, kanti ingasibulalela okuhle.

Kunendawo kwisiqephu se-Opera, i-La Boehme lapho amadoda amabili ahlukunyezwa amakhaza asebusika ashubisa umnkantsha e-Paris. oyedwa wabo, ongumbhali, uchithe isikhathi esiningi ebhala. Ugodola kangangokuthi akasakwazi ngisho ukucabangisisa kahle ukuze aqhubeke nokubhlala.

Bengenamali yokuthenga amalahle noma izinkuni ukuze babase umlilo, ngokuphelelwa yithemba, umbhali waphonsa wonke umbhalo wakhe emlilweni. Imizuzwana nje, wonke amaphepha ayequkethe wonke umbhalo wakhe aba ngumlotha.

Lombhali wadela iphupho lakhe, konke ayekusebenzele kanzima, ukuze athole isikhashana nje sokuthokomala. Wazinikela. 

Sibona into efanayo endabeni ya Isawu embhalweni wa Genesisi. Ekhathele futhi elambile, wabuyela ekhaya wathola kunuka kamnandi isitshulu sabhontshisi. Ngokulangaza ukwanelisa ukulamba, u-Isawu wanikela ngelungelo lakhe lobuzibulo, wonke amalungelo akhe, ukubusa kanye nobundlalifa okwakuhambisana nokuba ngowamazibulo, wakuthengisela isobho. Wanikela ngekusasa lakhe ukuze athole ukwaneliseka kwesisu sakhe okomzuzwana. 

Lalela, ngiyezwisisa. 

Ngiyalingeka ukujabulisa imizwa lapho nginobuhlungu (Izikhathi eziningi ngiyazinikela!).  Ngemuva kwesahlukaniso somshado wami, umzwangedwa wangenza ngalingeka ukuthi ngehlise izinga ekujoleni. Ngiyabonga ukuthi angizange ngiwele kulesisilingo, kodwa sasikhona. 

Ngesikhathi ngilahlekelwa yikhaya lami, ngisengozini yokulahlekelwa yiko konke, umakhelwane wanginikezela ngosizo lomsebenzi wokuthengisa efamasi ngihole imali enhle. ngalingeka ukuthi ngiwuthathe umsebenzi. Kodwa ukwenza njalo kwakuzosho ukuthi ngibekele eceleni umsebenzi we Treasures. Ukunethezeka okwesikhashana ngokusimama ngokwemali kwakungafanelekile ukuthi ngilahle inhloso uNkulunkulu ayengibizele kuyo.  

Kwesinye isikhathi iphupho laNkulunkulu lidinga ukuzidela. UNkulunkulu ufuna kakhulu ukuziphatha kwethu ngaphezu kwezinga lokunethezeka.

Singabuvumela ubunzima ukuthi busakhe ngokokuziphatha noma busephule. singalidela iphupho ukuze sizuze okwesikhashana, noma singabekezela ukuze sivumele ukubekezela ukuthi kuqinise ukuziphatha kwethu futhi kusikhulise.  

Ungalideli iphupho ngenxa yokudlulayo. Ungavumeli ubuhlungu noma ukuphoxeka ukuthi kukwenze ulahlekelwe ngamaphupho akho ngezinto ezilunga kalula kanye nenjabulo yesikhashana. Ungazinikeli. Kuningi okungakulahlekela.

Kunenkululeko ekugcineni kokwethembeka kwakho. Kuwena uqobo, nakulabo abathintwe yindlela ophile ngayo ngenhloso.

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Dreams Redeemed

Senzanjani uma kubukeka sengathi amaphupho ethu awafinyeleleki noma ayashabalala? Njengonqobe ukuhukumezeka nokukhathazeka, kanye nokwephuka kwenhliziyo ngenxa yedivosi, sengike ngabhekana nalombuzo izikhathi eziningi. Noma ngabe ubhekene nobuhlungu besigemegeme noma bokulahlekelwa, noma ukukhungatheka ngenxa yokulinda isikhathi eside, iphupho ngo Nkulunkulu lisaphila! Mhlobo, isikhathi sokuphinda uphuphe.

More

Sithanda ukubonga Harmony Grillo (I Am A Treasure) ngokusinikeza leluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://harmonygrillo.com