Amaphupho AhlengiweIsampula

Dreams Redeemed

USUKU 7 KWEZINGU- 7

Kunolayini kumthandazo i-Serenity ovama ukuthandazwa emihlanganweni yezinyathelo eziyi-12 lapho kucelwa uNkulunkulu ukuthi asisize samukele "ubunzima njengendlela esiyisa ekuthuleni, sithathe, njengoba noJesu enza, lomhlaba ogcwele izono njengoba unjalo, hhayi njengoba singafisa ukuthi ube yiyona".

Lowo layini wawuvele ugqame kakhulu kimina ngoba ngachitha isikhathi esiningi ngizama ukulungisa futhi ngilawule izimo kanye nabantu abaseduze nami ukuze ngizakhele impilo engiyifisayo...ngizama ukuphumelelisa amaphupho ami.  Kuyacaca ukuthi loko akusebenzanga.

Ngemuva kwesehlukaniso somshado wami, ngalahlekelwa yikhaya lami, isimo sami sokuboleka imali sonakala, ngazizwa sengathi, ngayinye ngayinye yezinto engangizakhele zona ukuthi zibe izikhuselisi zami, kanye nempilo engangizama ukuzakhela yona kwabhidlizeka kwaphela. Impilo yayingeyona lento engangiyifuna.

Kwesinye isikhathi, ngazithola ngikhalela loku futhi ngikhala ku Nkulunkulu, "akwenzekanga ngendlela engangicabange ukuthi kuzoba yiyo." UNkulunkulu walalela. Wabe esekhuluma enhliziyweni yami.

Ngakuhlenga.

Isimangaliso saloko kwakungathi yinhlekisa. Kwakungekho lutho kulento eyayingenzakalela okwakubukeka njengo kuhlengwa.

Harmony, Ngakuhlenga kwindlela yakho yephupho...Ngizohlenga iphupho.

Lesethembiso, sokuthi uNkulunkulu uzohlenga iphupho, sokuthi uzongibuyisela umndeni wami, sanginika ithemba lokuthi lesimo engangikuso sasingeke sihlale sinjalo unomphela. 

Unkulunkulu ngimazi engu Mhlengi. Okokuqala, wahlenga umlando wami wokuhlukunyezwa nokuxhashazwa kanti manje uwusebenzisela ukusiza abanye nge Treasures. Namhlanje, ngemuva kweminyaka kwehlukaniswa umshado, ngingasho ngithi Uselihlengile iphupho lami lokubuyisela umndeni wami. Ngo Mashi wa 2014, ngashada nendoda eqotho enobuntu, enothando, futhi engubaba kwindodakazi yami! Ngo Januwari wa 2018, sathola ingane yomfana esilethele injabulo enkulu kwikhaya lethu. 

Ngiyayithanda indaba ya Josefa, ngoba iyisibonelo somphuphi owayethemba uNkulunkulu, ngisho noma sekubonakala sengathi amaphupho ayashabalala. Walahlwa ngumndeni, wathengiswa, wenziwa isigqila, waboshwa, futhi bamkhohlwa. Kuko konke, uNkulunkulu wayeno Josefa. ekugcineni, ithemba lakhe ku Nkulunkulu lamenza waphuma ngaphezu kwazozonke izimo zakhe wasindisa umndeni wakhe kanye neGibhithe lonke endlaleni. UNkulunkulu wayisebenzisela okuhle yonke impilo kanye nendaba ya Josefa. UNkulunkulu wahlenga iphupho.

Ngiyazibuza ukuthi ingabe wake walingeka yini uJosefa ukuthi alilahlele izandla iphupho? Kunaloko wayeloku ethembekile kuzo zonke izimo adlula kuzo, wavumela uNkulunkulu ukuthi amsebenzise, waqhubeka nokuphupha. Isizwe sasindiswa ngenxa yokwethembeka kwakhe.

Angazi ukuthi yini odlula kuyo. Angazi ukuthi yiziphi izinkinga nokuhlaselwa okuhlukumeze iphupho la Nkulunkulu empilweni yakho. Kodwa nakhu engikwaziyo-UNkulunkulu unnguMhlengi. Wethembekile. Njengoba ulokhu uphupha, qhubeka wethembe, qhubeka ubekezele.… 

UNkulunkulu uzolihlenga iphupho. 

 

Amanothi aphuma ku Harmony:

Ngiyethemba uwujabulele loMkhuleko! Ngingathanda ukukukhuthaza ukuthi uphila ngokukhululeka, uphuphe okukhulu, wenze kahle! Ngiyakumema ukuthi ubheke ibhulogi yami kuwww.HarmonyGrillo.comukufunda kabanzi nge Treasures, ungabhekawww.iamatreasure.com

 

Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Dreams Redeemed

Senzanjani uma kubukeka sengathi amaphupho ethu awafinyeleleki noma ayashabalala? Njengonqobe ukuhukumezeka nokukhathazeka, kanye nokwephuka kwenhliziyo ngenxa yedivosi, sengike ngabhekana nalombuzo izikhathi eziningi. Noma ngabe ubhekene nobuhlungu besigemegeme noma bokulahlekelwa, noma ukukhungatheka ngenxa yokulinda isikhathi eside, iphupho ngo Nkulunkulu lisaphila! Mhlobo, isikhathi sokuphinda uphuphe.

More

Sithanda ukubonga Harmony Grillo (I Am A Treasure) ngokusinikeza leluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://harmonygrillo.com