Amaphupho AhlengiweIsampula
Ukukholwa akusenzi sivikeleke ebunzimeni bempilo. Kunezikhathi lapho imisebenzi ilahleka, izinhliziyo zephuke, esibathandayo bethathwe kungakabi yisikhathi.
Kunezikhathi lapho sishiywa silindele (siphinde silinde futhi silinde) ukuthi amaphupho ethu afezeke. Iphupho lengane, lomlingani, noma ukubuyiselwa kobudlelwane. Ukuthi esimthandayo anqobe isifo noma izidakamizwa. Ukuphumelela emsebenzini. Izinhliziyo zethu zilokhu zikhalaza ngenxa yokulangazelela loko esingakabi nako. Ngezinye izikhathi, sizwa ubuhlungu isikhathi eside kuze kuphele ithemba bese size siyeka ukuphupha, ukuze singabuzwa kakhulu ubuhlungu.
UNkulunkulu unendaba ngamaphupho ethu. Empeleni, ubeka "Amaphupho aNkulunkulu"ezinhliziyweni zethu, kodwa, uma ngilangazelela iphupho ngaphezu kuka Nkulunkulu, Umuphi wamaphupho, ngenza iphupho libe yisithixo.
Kusukela ngineminyaka emibili, ngangifisa ukuba ngumlingisi odumile. Ngangihlala isikhathi eside esibukwweni ngakha abalingiswa. ukuhlukunyezwa nokuxhashazwa kwangiphambukisa emaphusheni ami. Ngathi lapho ngiqala ukuhamba no Jesu, ngathatha isinqumo sokuphokophelela ukuba umlingisi futhi.
Ngangithola imisebenzi futhi nginesikhathi esimnandi njengoba ngangakha umsebenzi wami kodwa, ngasheshe ngabona ukuthi uNkulunkulu wayenephupho elahlukile ngempilo yami kunalelo mina engangililandela.
Eqinisweni, isifiso sami sokuba umlingisi sasinengxenye yokwenziwa ukufisa ukuzizwa ngibalulekile. UNkulunkulu wayefuna ukuthi ngithole ukubaluleka kwami kuYena, hhayi ekubonweni nasekunakweni engangingakuthola ngokuba umlingisi. Ngaphinda ngabona ukuthi wayefuna ukusebenzisa ubuhlungu engangidlule kubo ukuthi alethe ithemba nenkululeko kwabanye abantu.
Ngathatha isinqumo sokulandela iphupho la Nkulunkulu ngempilo yami ngakho ke ngo 2003, ngasungula i-Treasures, iqembu elelulela usizo futhi leseke labo abahlukunyezwa ngokocansi nabantshontshelwa loko. Nsuku zonke, ngikhona ukubona izimpilo ezithintekayo ngenxa yesinqumo sami sokulandela iphupho laNkulunkulu ngempilo yami! Ukuba ngaqhubeka nokubambelela ephusheni lami lokuba umlingisi, noma okubi kakhulu, ngilenze isithixo empilweni yami, ingabe ngaphuthelwa yiphupho uNkulunkulu ayenalo ngami!
UNkulunkulu unendaba nathi, njengoba futhi enendaba ngamaphupho ethu. Unendaba kangangoba uzimisele ngokusishintshela izindlela zethu ziphambuke kuloko esikufunayo, ukuze asiholele kuloko Asiphathele kona.
Kunephupho laNkulunulu ngempilo yakho. Kungaba yinto ovele sewuya ngakuyo, noma kungaba yinto ongayilindele nakancane. Ngiyakholwa ukuthi ngesikhath uphatha amaphupho nezinhlelo zakho ngesandla esivulekile, wethembe Yena endleleni, uzokuholela ekugcwalisekeleni kwaloko anako ngawe.
Mayelana naloluHlelo
Senzanjani uma kubukeka sengathi amaphupho ethu awafinyeleleki noma ayashabalala? Njengonqobe ukuhukumezeka nokukhathazeka, kanye nokwephuka kwenhliziyo ngenxa yedivosi, sengike ngabhekana nalombuzo izikhathi eziningi. Noma ngabe ubhekene nobuhlungu besigemegeme noma bokulahlekelwa, noma ukukhungatheka ngenxa yokulinda isikhathi eside, iphupho ngo Nkulunkulu lisaphila! Mhlobo, isikhathi sokuphinda uphuphe.
More