Amaphupho AhlengiweIsampula
![Dreams Redeemed](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F18054%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Usuku Lomama lwami lokuqala - Usuku engangicabanga ukuthi luzoba nezimbali kanye nezincomo nezinkumbulo ezinhle. Kunaloko, ngazithola ngilalele ukuvuma nokugonyuluka okwaholela ekupheleni komshado wami. Ngihlukumezekile futhi nginobuhlungu, ngangingekho esimweni sokunakekela umntwana wami wentombazane okungenani amahora okuqala angama-24. Abangani bami baba nomusa bamthatha ngalobo busuku.
Ngathi lapho ngifika sengizomlanda ngakusasa, ngahlala phansi kukhaphethi wabo egunjini lokuphumula ngigobhoza izinyembezi. "Ngangingumakoti wakhe. Sasizokhulisa abantwana futhi sibe nabazukulu naye. Kwakumele siguge ndawonye"
Walalela ngomusa nesineke gaphambi kokuthi angiphe umbono wakhe. "Harmony, kuzwakala sengathi ubuzidwebele isithombe sokuthi ufuna ibe njani impilo yakho. Ngiyazi kunzima, kodwa mhlambe sekuyisikhathi ukuthi unikezele izintambo wethembe uNkulunkulu ukuthi akupendele esisha".
Wayeqinisile. Ngangingakhaleli impilo engangiyazi nje kuphela, ngangikhalela naleyo engangithi sizoba nayo. Isililo phezu kwesililo. Iningi lethu sichitha isikhathi esiningi sipenda isithombe sokuthi impilo yethu izoba njani. Sizakhela isithombe emqondweni wethu ngemishado yethu, izingane, imisebenzi, ubuhlobo,size sibeke nesikhathi okuzokwenzeka ngaso konke loku.
Ukuphupha yinto enhle, kodwa kwenzakalani lapho amaphupho kanye nebesikulindele kushabalaliswa ukuphoxwa yimpilo? Ngenxa yokufa komuntu esimthandayo, ukuphela komshado, noma ukuphela komsebenzi? Senzanjani? Sidinelwa uNkulunkulu sibe mungcu? Sifunga sigomele ukuthi ngeke siphinde siphuphe futhi, ngoba kubuhlungu kakhulu ukuba nethemba? Noma, siyafisa ukuvula izandla sinikele umdwebo wempilo yethu kuYena.
Nami ngangenze umdwebo wokuthi impilo yami yayizobukeka kanjani, kodwa sengithole ukuthi kungenzeka umdwebo wami ungahambelani nalowo uNkulunkulu angidwebele wona.
Ukwakha emqondweni kungaba isithixo. Lokhu kwenzeka uma sibeka ithemba lethu kuloko okusemqondweni wethu. Kungaba lula kakhulu ukubeka ithemba kuloko esingakubona futhi sikulawule. kunokulibeka ku Nkulunkulu esingamboni futhi esingakwazi ukumlawula.
Ubudlelwane beqiniso nokusondelana kungesabisa. Ukwelapheka kungesabisa. Lezizinto zidinga ukwethemba nesibindi sokuhamba noNkulunkulu ezindleleni esingazejwayele ngezindlela esingazange sizicabange. Kowa UNkulunkulu, UNkulunkulu wethu, ufuna ukusihambisa kuloluhambo. Ukushelelelisa izindawo ezihazukile alethe ukukhanya lapho kungekho khona.
Uma sivumela ukukhanya kuka Nkulunkulu kungene ezinhliziyweni zethu, angakwazi ukuhlolisisa umsuka wobuhlungu bethu, ukuze sipholiswe. Yingaleso sikhathi kuphela lapho singakwazi ukubona ngokucacile ukuthi yini le esenze sabalekela kuloko okusemqondweni. Yingaleso sikhathi kuphela lapho singakwazi ukunikela ngomdwebo wempilo yethu ku Nkulunkulu, ngokwazi ukuthi angakwazi ukwenza ngaphezulu, ngokwedlulele kuko konke kunaloko esikucelayo, esikucabangayo noma esikuphuphayo!
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
![Dreams Redeemed](/_next/image?url=https%3A%2F%2Fimageproxy.youversionapi.com%2Fhttps%3A%2F%2Fs3.amazonaws.com%2Fyvplans%2F18054%2F1280x720.jpg&w=3840&q=75)
Senzanjani uma kubukeka sengathi amaphupho ethu awafinyeleleki noma ayashabalala? Njengonqobe ukuhukumezeka nokukhathazeka, kanye nokwephuka kwenhliziyo ngenxa yedivosi, sengike ngabhekana nalombuzo izikhathi eziningi. Noma ngabe ubhekene nobuhlungu besigemegeme noma bokulahlekelwa, noma ukukhungatheka ngenxa yokulinda isikhathi eside, iphupho ngo Nkulunkulu lisaphila! Mhlobo, isikhathi sokuphinda uphuphe.
More