Amaphupho AhlengiweIsampula

Dreams Redeemed

USUKU 1 KWEZINGU- 7

Ngangingacabangi ukuthi ngizophila ngize ngihlanganise iminyaka engama-21. emva kwesikhathi eside sokuhlukunyezwa ngokocansi, ukudlwengulwa, kanye nokuphila esimweni esihlangahlangene, umama wangishiya ngedwa emphakathini owawubuswa yizigebengu, ngineminyaka eyi-13, nomfowethu owaneminyaka eyi-8, ukuthi siziphandele izinyanga ezintathu. ngalelo hlobo, ngathandana nomfana owayemdala kunami owayesinika ukudla nokukhuseleka. Lobobudlelwane bagcina sebunohlukumezo nokuxhaphazwa, bagcina bungiholele ekusebenzeleni imboni yezocansi njengomdansi ohlubulayo. Empeleni, isoka lami laba ngumthengisi wami kanti impilo yami yase ilahleka akhulu. 

Kwangena uJesu. 

Kuye, ngathola umusa, ukuphila, kanye nendlela yenkululeko. ngaqala ukuphupha futhi. Ngaba nephupho lokuthi ngelinye ilanga ngiyoba nekhaya elinothango olumhlophe, negceke eliluhlaza elinamathoyizi abantwana achitheke kulo lonke. Ngaphupha ngomndeni ohlangene lapho siyoba nesibongo esisodwa. Iphupho lami lalimele ukuphepha nokuzinza-into engangingazange ngibe nayo ngesikhathi ngikhula.

Ngenza iphutha lokucabanga ukuthi uma ngiya enkonzweni njalo ngamasonto, ngifunda izincwadi eziqotho, futhi ngenza izinto ezilungile, wonke amaphupho ami azofezeka futhi ngibe nokuvikeleka okuthize ngo-Jesu ezinkingeni zomhlaba. 

Kwaba yimnyakana nje, konke kwahamba njengokohlelo lwami. Ngangishadile nginengane enhle, futhi nginekhaya elalinegceke. Impilo yayiyinhle kangangoba ngangimonazela impilo yami! 

Ngathi lapho ngithola ukuthi umyeni wami wayejola, futhi engazimisele ngokulwela ukuhlenga umshado wethu, ngazizwa sengathi wonke amathemba enganginawo ngempilo yami afahlazeka. Impilo engangiphupha ngayo yayishabalala. 

Kwinkondlo yakhe ethi, "Harlem", u Langston Hughes ubuza umbuzo. "Kwenzakalani kwiphupho elishabalele" 

 "Liyahwanguka"

      Njenge gilebhisi elomisiwe elangeni?

      Noma libhibha njengesilonda?

      Bese lopha?"

Ngikholelwa ukuthi okwenzeka kumaphupho ethu uma eshabalala, engafinyeleleki, noma ethwahlazeka, kuncika kulowo owaphuphile.  Ukuthi senzenjani kuholela ekusisondezeni nephupho laNkulunkulu ngempilo zethu noma kusiphushela kude nalo.

Ekutholeni ukuvuma komyeni wami, ngangibhekene nesinqumo…

Ngangizolibeka kuphi ithemba lami? Ngangizolibeka ephusheni enganginalo ngempilo yami? Noma ngangizolibeka ngu Nkulunkulu?

Ngokwe Bhayibheli, ithemba elishabalele ligulisa inhliziyo, kodwa ku Jesu kunesizinzo semiphefumulo yethu. Ngangikeke ngikwazi ukushintsha isimo sami, noma ngangifisa kangakanani, kodwa ngangi ngathatha isinqumo sokuthi ngenze njani ngalesosimo. 

Ngiyakumema ukuthi uzindle ngalemibuzo elandlelayo: Likuphi ithemba lakho namhlanje? Ingabe ithemba lakho lisephusheni onalo ngempilo yakho? Noma ithemba lakho liku Muphi wamaPhupho? 

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Dreams Redeemed

Senzanjani uma kubukeka sengathi amaphupho ethu awafinyeleleki noma ayashabalala? Njengonqobe ukuhukumezeka nokukhathazeka, kanye nokwephuka kwenhliziyo ngenxa yedivosi, sengike ngabhekana nalombuzo izikhathi eziningi. Noma ngabe ubhekene nobuhlungu besigemegeme noma bokulahlekelwa, noma ukukhungatheka ngenxa yokulinda isikhathi eside, iphupho ngo Nkulunkulu lisaphila! Mhlobo, isikhathi sokuphinda uphuphe.

More

Sithanda ukubonga Harmony Grillo (I Am A Treasure) ngokusinikeza leluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://harmonygrillo.com