Ukuqala Ubuhlobo No JesuIsampula

Beginning A Relationship With Jesus

USUKU 4 KWEZINGU- 7

"Okunikezwayo"

Enye yezinto ezinhle zokholo lobuKristu ukuthi lobu buhlobo noJesu buhlala bukhona. Akukaze kuphoqelelwe.

Enye insizwa yagijimela kuJesu, yabuza ukuthi kwakudingeka 'yenzeni' ukuze izuze ukuphila okuphakade (Marku 10: 17-22). Njengenjwayelo yakhe uJesu, Wahola ingxoxo ukuze avumele lo muntu ukuba azibone ngokucacile.

Ngakho ke uJesu akazange ayibuze mibuzo lensizwa. Wavele wabala imithetho yamaJuda, lensizwa yavuma ithi "Yebo, yebo, ngiyigcinile yonke leyo! Kodwa okwenzeka emuva kwaloko yikona okuhlwabus kakhulu. NgokukaMarku 10:21 uthi, "Ujesu wayibheka wayithanda."

UJesu wabheka. akazange ashumayela. akazange aveze zinsolo. kunaloko, wayibheka ngqo lensizwa wayinika sonke isikhathi nesineke sakhe, eyimema ukuthi baxoxisane njengabahlobo.

UJesu wathanda. Kwakusekubukeni lapho kwaqala khona uthando. Kwakungasuki ekugcineni kwalensizwa imithetho ngobuqotho noma ezenzweni emangalisayo. UJesu wayibuka wayithanda ngokuba yiyona.

Kuyacaca ukuthi le nsizwa yawuthanda ngempela umbono waJesu futhi yayifuna ukukhetha okuhle. Kodwa lapho uJesu enza isipho sokuba nobuhlobo, Wakwenza ngomqondo wokuzibophezela okugcwele: "Hamba, uthengise konke onako unikele kwabampofu, uzoba nengcebo ezulwini. bese uza, ungilandele "(Mathewu 19:21).

Lapho uJesu ebheka futhi eyithanda lensizwa, Wayazi kahle ukuthi wayedinga ukuyibuzani ukuze idalule inhliziyo yayo yangempela. Ngokugcizelela indaba yezimpahla, uJesu waqonda ngqo ekujuleni kwendaba yalomuntu.

Ngakho uJesu wambuka, wamthanda, wabeka phambi kwakhe ukukhetha ubuhlobo. Kodwa le nsizwa yahamba. Lokhu kuyisimangaliso sika Nkulunkulu. UNkulunkulu unamandla onke ebuhlotsheni nathingamunye, kodwa ngokumangazayo, Usinika inkululeko yokuthi simamukele noma simenqabe.

Ngezinye izikhathi abantu bathi, "Uma uNkulunkulu efuna ukuba sonke sibe nobuhlobo naye, kungani engasenzanga ukuthi simthande?" Kodwa uthando alukwazi ukulungiswa ngaphambili. Uma saphoqeleka ukuba sithi yebo kuJesu, siphoqeleke ukuba sibe ngamaKristu, lokhu kungaphikisana nokujula kwesimilo sika Nkulunkulu kanye nesihloko esiyinhloko sobuKrestu-ikakhulukazi ukuthi isipho sikaJesu sisekelwe othandweni, uthando olumsulwa kakhulu.

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Beginning A Relationship With Jesus

Ingabe uqala okholweni olusha kuJesu Kristu? Ingabe ufuna ukwazi kabanzi ngobuKrestu kodwa awunaso isiqiniseko sokuthi yini-noma kanjani-ongayibuza? Ngakho ke qala lapha. Kuthathwe encwadini ethi "Qala Lapha" ngu-David Dwight no-Nicole Unice.

More

Sithanda ukubonga uDavid Dwight, uNicole Unice noDavid C Cook ngokunikeza ngalolu hlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.dccpromo.com/start_here/