Imininingwane ngohlelo

Ukuqala Ubuhlobo No JesuIsampula

Beginning A Relationship With Jesus

USUKU 1 KWEZINGU- 7

"Imithetho v. Ubuhlobo"

Uma ubheka incazelo yobuKristu, kunethuba lokuthi uzothola okuthile ngoku "landela izimfundiso zikaJesu." Futhi kuyiqiniso-ubuKrestu buphathelene nokulandela izimfundiso zikaJesu. Inkinga ukuthi abantu abaningi bashintsha "ukulandela uJesu" bakwenze "ukulandela imithetho" - kanti loko akuyiko.

Indaba yeBhayibheli yenza kucace ukuthi iphuzu lokumazi uJesu kungoko buhlobo, hhayi imithetho. Njengoba uqala ukuhlola ukuthi yini uNkulunkulu asitshela yona ngaye ngeBhayibheli, uzothola ukuthi ukuba nobuhlobo obunothando nozinikezela kuYe yiyonanto esemqoka.

Ngakho ke ukuthi into ebalulekile yobuKristu ukulandela amaphuzu okufundisa kufana nokuthi into oyinhloko yomshado ukukwabelana ngokukhokha izindleko zasekhaya. Akuyona into esiyifisayo endabeni enkulu yezothando!

Lo mbono wemithetho ngokumelene nobuhlobo iyonanto enkulu eyisakhukanisi phakathi kobuKristu nezinye izinkolo. Lapho iningi lezinkolo lifundisa ukuthi indlela "yokulunga" yingezenzo eziyisidingo kanye nezinkolelo eziqinile, ubuKristu buqala endaweni ehlukile.

Kusukela ezikhathini zakuqala, abalandeli bakaJesu babengaziwa ngokulandela imithetho noma "ukuba ngabalungileyo." Into eyayehlukile - into eyayenza kukhulunywe ngabo - kwakuyiqiniso lokuthi "babeke baba noJesu" (Izenzo 4:13). Akukhona ukuthi bavuma uJesu, hhayi ukuthi balandela isimiso sokuziphatha sikaJesu, kodwa ukuthi "babe" naye.

Ukuba noJesu yilokho okwaguqula laba bantu kulokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi "amadoda angafundang, ajwayelekile" abe ngabaholi abanesibindi. Yiko lokho kuyiqiniso elifanayo esinikezwayo lapho uJesu esimema ukuba sibe nobuhlobo: "sibe naye."

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Beginning A Relationship With Jesus

Ingabe uqala okholweni olusha kuJesu Kristu? Ingabe ufuna ukwazi kabanzi ngobuKrestu kodwa awunaso isiqiniseko sokuthi yini-noma kanjani-ongayibuza? Ngakho ke qala lapha. Kuthathwe encwadini ethi "Qala Lapha" ngu-David D...

More

Sithanda ukubonga uDavid Dwight, uNicole Unice noDavid C Cook ngokunikeza ngalolu hlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.dccpromo.com/start_here/

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo