Ukuqala Ubuhlobo No JesuIsampula

Beginning A Relationship With Jesus

USUKU 2 KWEZINGU- 7

"Imibuzo"

Abantu abanesiphiwo sobuciko kwezobuhlobo kuvama ukuba abantu ababuza eminye yemibuzo emihle kakhulu. Yilapho uNkulunkulu engungoti.

Bheka eminye yemibuzo kaNkulunkulu ejule kakhulu:

Ukuphi? (Genesise 3: 8-9)

Ekuqaleni kweBhayibheli, uNkulunkulu wabonisa lengxenye yesimilo saKhe ebuhlotsheni bakhe no-Adamu no-Eva - ubuhlobo obunokweethembana, obungenamfihlo, bansuku zonke.

KuGenesise 3, sifunda ngo-Adamu no-Eva bekhetha ukufulathela uNkulunkulu baphile impilo ngaphandle Kwakhe. Lapho ubuhlobo sebephukile, uNkulunkulu weza ezobheka uAdamu noEva. Akezanga ukuzobajezisa noma ukubahlambalaza kodwa ukubuyisela ubuhlobo.

Uma ungezwa uNkulunkulu ekushukumisa empilweni yakho, nawe, ungumuntu amfunayo, ukuze ukwazi ukumazi futhi uhlale unobuhlobo naye.

Nifunani? (NgokukaJohane 1: 35-39)

NgokukaJohane 1, sibona uJesu ebuza amadoda athanda ukwazi umbuzo ofanayo nokaNkulunkulu. Wawabuza, "Nifunani na?" (Johane 1:38).

Amadoda awugwema lombuzo futhi ashintsha indaba, abuza uJesu athi, "Uhlalaphi?" Kunokuba abanike ikheli langempela, Wawaphendula wathi, "Wozani ... nizobona" (NgokukaJohane 1:39). Esikhundleni sokubanika impendulo, unikeza isimemo.

Ngokuvamile, iningi lethu lithi kuNkulunkulu, "Ngifuna okuthile kuwe," ngenkathi uNkulunkulu ethi kithi, "Ngifuna ukuba nawe."

Nina nithi ngingubani? (NgokukaMathewu 16: 13-15)

Yilapho ubuKristu buqala khona. Impendulo yakho kulowo mbuzo ithi- ukuqala kwakho lapha, ngoba yilapho uthola khona ukucacelwa ukuthi ucabangani ngoJesu. Ngenhlanhla, lokho uJesu akusho ngaye kubhalwe eBhayibhelini, kuhlanganise noJohane 10:36, Johane 11:25, Johane 10:11, noJohane 8:58.

Lezi ezinye zezitatimende zikaJesu-ukuthi uzokuphendula kanjani umbuzo mayelana nobuyena. Kodwa uJesu akemi; Ukwenza kube ngokumayelana nawe ngqo.

Uyakholwa yilokhu? (Johane 11: 25-26)

UJesu uhlala enza izinto zibe mayelana nomuntu ngqo. Wathi kubafundi bakhe: "Kodwa nina- nithinina Ngingubani na?" Wathi uMarta e Johane 11: 25-26, "Ingabe wena Uyakukholwa yilokhu?"

UJesu nathi usibuza lemibuzo efanayo, kanti ukuphendula le mibuzo kuyingxenye yokuba nobuhlobo noNkulunkulu, yokuthola uNkulunkulu nokuthola iqiniso. Futhi ukuthola iqiniso kuqala ngoJesu Kristu.

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Beginning A Relationship With Jesus

Ingabe uqala okholweni olusha kuJesu Kristu? Ingabe ufuna ukwazi kabanzi ngobuKrestu kodwa awunaso isiqiniseko sokuthi yini-noma kanjani-ongayibuza? Ngakho ke qala lapha. Kuthathwe encwadini ethi "Qala Lapha" ngu-David Dwight no-Nicole Unice.

More

Sithanda ukubonga uDavid Dwight, uNicole Unice noDavid C Cook ngokunikeza ngalolu hlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.dccpromo.com/start_here/