Ukuqala Ubuhlobo No JesuIsampula

Beginning A Relationship With Jesus

USUKU 7 KWEZINGU- 7

"Manje?"

Ukuba ngumKristu kusho "ukuhlala" kuJesu. Ukubeka kucace bha, uqala impilo "yokuhlala" Kuye futhi "ulokhu" uKuye. Kusho ukuthini lokho? Kusho ukuthi ufuna ukukhula ngobuhlobo bakho naYe ngokuletha inhliziyo yakho, umphefumulo, ingqondo, namandla akho ngokugcwele kulobu buhlobo (Marku 12:30; Luka 10:27).

Nazi izindlela ezinhlanu esihlala ngazo "ebuhlotsheni" noJesu Kristu:

Ubuhlobo namanye amaKristu

Isonto ngabantu abangene ebuhlotsheni noJesu ngakho-ke baye bathethelelwa nguJesu futhi bafuna ukuphilela uJesu. Ukukhula ebuhlotsheni noJesu kusizwa ngokuba esontweni. Kulapha esontweni, namanye amakholwa, lapho sifunda khona, sikhule, sibuze imibuzo, sikhonze futhi sifune siphinde sikhonze uNkulunkulu ndawonye.

Ekuqondisweni ngu Nkulunkulu ngokufunda iBhayibheli

Njengoba ukhula ebuhlotsheni bakho noJesu Kristu, uzoqala ukufunda kabanzi ngeBhayibheli. IBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu, futhi enye yezindlela ezibaluleke kakhulu aziveze kithina ubuYena kanye nesifiso sakhe kanye nesakhiwo sakhe sokuphila. Ngesikhathi wazi iBhayibheli kabanzi, uzokwazi ukwazi ubuqobo uNkulunkulu ngokujulile.

Ekuxoxisaneni noNkulunkulu ngomkhuleko

Inhloso yomkhuleko iyafana nezinye izingxoxo zenhlosola: ukukhula ngokusondelana ebuhlotsheni obunenjongo. Lokhu kusho ukuthi umthandazo uhlanganisa inqwaba yezihloko. Umthandazo uhlanganisa ukwabelana ngemibono, ukulalela, ukubuza imibuzo, ukucela usizo, ukuziveza ukuze ukwazi ukuqondwa, ukuvuma ukona nokucela ukuthi uxolo, ukubonga noma ukuhlangana ndawonye.

Ukuthatha isinyathelo ngokukhonza

Ukuthatha isinyathelo ngokukhonza, ngokunakekela, ngokuya ngaphandle kubantu kubonisa inhliziyo yothando lukaNkulunkulu kubantu, futhi kuyindlela ebalulekile ozokhula ngayo ebuhotsheni bakho noJesu. Kungani? Ngoba yilokho uJesu akwenza. UJesu wathi, "Ngokuba ngisho neNdodana Yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kepha ukukhonza" (Marku 10:45).

Ekuboniseni ukuthanda uNkulunkulu ngokudumisa

Ukudumisa kuyindlela yethu yenhloso yokubonisa ukuthakasela nokubonga kanye nokumangala kuNkulunkulu. Ukudumisa ungakwenza wedwa noma enkundleni nezinkulungwane zabantu. Kungenzeka esakhiweni sesonto noma ezintabeni. Ukudumisa kuyindlela yakho eqinisile neqotho yokubozibonakalisa kuNkulunkulu.

Uma ulujabulela loluhlelo futhi ungathanda ukuthola ithuba lokuwina lencwadi ekucaphunwe kuyo, chofoza lapha

Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Beginning A Relationship With Jesus

Ingabe uqala okholweni olusha kuJesu Kristu? Ingabe ufuna ukwazi kabanzi ngobuKrestu kodwa awunaso isiqiniseko sokuthi yini-noma kanjani-ongayibuza? Ngakho ke qala lapha. Kuthathwe encwadini ethi "Qala Lapha" ngu-David Dwight no-Nicole Unice.

More

Sithanda ukubonga uDavid Dwight, uNicole Unice noDavid C Cook ngokunikeza ngalolu hlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.dccpromo.com/start_here/