Ukuqala Ubuhlobo No JesuIsampula

Beginning A Relationship With Jesus

USUKU 3 KWEZINGU- 7

"Ukabuteni Wangempela"

Enye indlela yokuchaza uJesu ukuthi ungu Msindisi onenhloso yokusindisa. Ngesikhathi uJesu ethi, "Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila," Akashongo ukuthi, "Ngingenye ye zindlela nenye yamaqiniso nenye ye zindlela zokuphila."

Umbuzo wethu kuye uyafana nemibuto yethu kukabuteni wendiza noma umkhumbi esikuko ngoba sifuna ukwazi, "Ingabe ungu Kabuteni ngempela (iNdodana kaNkulunkulu)?"

Njengoba impilo iqhubeka, iningi lethu kancane kancane lilahlekelwa intshisekelo kulo mbuzo. Abaningi bethu bazizwa bekhululekile nje bezama ukuthola isihlalo esindawo eyanele yokwenaba kulendiza. Futhi iningi lethu alicabango ngokufa ngobunzima ngendlela esingaba nayo emkhunjini ocwilayo. Kodwa ukwethembela ku-kabuteni ngumbuzo oyinhloko kuzo zombili lezifaniso.

Emkhunjini, inkolelo yakho (noma ukungakholelwa) kukabuteni kwenza wonke umehluko. Ngokufanayo noJesu. Uma kungumsebenzi wokusindisa, angeke kujwayeleke ukuti sithi, "Ngingaya noma yikuphi lapho ngithanda ukuya khona." Yebo, ungakwenza uma uthanda, kodwa uma Yena engukabuthini wangempela, lowo owazi zonke izinhlobo zezindlela zobukhona bomuntu, Yena uyayazi ngempela indlela.

Noma mhlawumbe ngesikhathi uqala ukuhlola lokho iBhayibheli elikushoyo ngoJesu, uqala ukuzibuza umbuzo othi, "Ngiyakholwa ukuthi uyayazi indlela?"

Uma ufunda loluhlelo, kungenzeka ukuthi mhlambe usuke wafika kuleliphuzu noma awukafiki lapho uthe yebo kulo mbuzo. Noma kungenzeka ukuthi uthe, "Yebo, ngiyakholwa. Kodwa ngisenemibuzo. "Uma kunguwe lowo, sinawe futhi sikhonela wena. Qhubeka nemibuzo. Imibuzo emihle yindlela esakhula ngayo. Ukungabaza nokungaqiniseki akuyona into engavamile.

Kodwa ake sithi uyavuma ukuthi uJesu angase ayazi indlela. Uma kuyiqiniso, umbuzo wokuqala ongase ube nawo ukuthi, "Ngidinga ukwenzani ukuze ngihambe ngaleyo ndlela?"

Kanti yilapho uJesu esimangaza khona. Akasho ukuthi, "Landela lokhu." Uthi, "Ngilandele." Ukabuteni womkhumbi wokuntweza akasiyaleli kwibalazwe; usitshela ngaye uqobolwakhe. UJesu uphinde akhomba kuYe, futhi Usimema ukuthi sizinikele.

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Beginning A Relationship With Jesus

Ingabe uqala okholweni olusha kuJesu Kristu? Ingabe ufuna ukwazi kabanzi ngobuKrestu kodwa awunaso isiqiniseko sokuthi yini-noma kanjani-ongayibuza? Ngakho ke qala lapha. Kuthathwe encwadini ethi "Qala Lapha" ngu-David Dwight no-Nicole Unice.

More

Sithanda ukubonga uDavid Dwight, uNicole Unice noDavid C Cook ngokunikeza ngalolu hlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.dccpromo.com/start_here/