Ukuqala Ubuhlobo No JesuIsampula
"Ubuwena Obusha"
Ilungelo lokuba ngabantwana ba Nkulunkulu benzeka ngo Jesu, kanti izindaba ezinhle kakhulu ukuthi ngenxa ka Jesu, uNkulunkulu usho into efanayo ngathi naleyo ayisho ngo Jesu. Ukulungele loku? Nazo ke: Uyindodana yami, engiyithandayo; Ngithokozile ngawe" (Marku 1:11).
Ngenxa ya Jesu, U-Nkulunkulu usho into efanayo ngawe ayisho ngo Jesu. Kulenkulumo eyodwa, u Nkulunkulu usinika isiqiniseko esimangazayo ngobuthina obungajabulisi esibuzwayo - lokho kunganeliseki, ukulangaza okujulile kokwamukeleka, kokuthandwa, nokunconywa. Bheka izinto ezintathu ezigqamile kulenkulumo yesethembiso
i. Uyindodana Yami....
Uma uNkulunkulu ethi, "Uyindodana Yami." uzibandakanya nathi. Usho ukuthi ufuna ukuhobana nathi, sisonke.
Iphuzu lokuqala ngalobuthina obusha lithi singabantu athokozile ngabo u Nkulunkulu. Uthi "Yebo, yindodakazi yami; yindodana yamo." Akaziqhelelanisi nathi uma sesingabantwana bakhe. Kuyajabulisa ukuthi unomusa kangaka, nakuba sibuye senze okungekuhle!
2. Engiyithandayo...
Kwesinye isikhathi ebuhlobeni bemindeni, kuyenzeka ukuthi sibe nesikhathi lapho singakhonzene, angisasho ke ukuthandana. Uma unelunga lomndeni ongalikhonzile, ungazizw ukuthi, Yebo, kumele ngamukele ukuthi ungumfowethu, kodwa angimkhonzile.
Kodwa u Nkulunkulu akanjalo. Akasho nje kyphela ukuthi, "Yebo, yindodana yami," kodwa uphinde athi, "ngiyayithandalendodana. Inothando lwami. Inhliziyo yamiinayefuthiingeingeyakhe.
3. Ngithokozile ngawe
u Nkulunkulu ngaphezu kwalenkulumo uphinde engeze ukuthi, "ngithokozile kakhulu ngawe." U Nkulunkulu owabeka izinkanyezi ezindaweni zazo uthi Uyaziqhenya ngawe. Hyayi ngomunye umuntu - kodwa ngawe.
Ngesikhathi sikhula ekuqondisiseni ukujula kwenhliiyo ka Nkulunkulu ngathi, lezi ziqinisekiso ziyaqala kancane kancane ukugcwalisa izindawo zobuthina-obushodayo emoyeni wethu. konke loko ebesikwenza sizama ukuthola ukunconywa, sizama ukuba ngababalulekile, ukuzizwa sisemqoka, siphakanyiswa, sibonwa njengabaphakeme - manje sesinempendulo. engaveli kubantu, engaveli ezintweni esingaba nazo kodwa ezingazenelisi izinhliziyo zethu, engaveli kumazinga noma amatayiteli ...kodwa ivela ku Nkulunkulu.
Mayelana naloluHlelo
Ingabe uqala okholweni olusha kuJesu Kristu? Ingabe ufuna ukwazi kabanzi ngobuKrestu kodwa awunaso isiqiniseko sokuthi yini-noma kanjani-ongayibuza? Ngakho ke qala lapha. Kuthathwe encwadini ethi "Qala Lapha" ngu-David Dwight no-Nicole Unice.
More