Ukuqala Ubuhlobo No JesuIsampula

Beginning A Relationship With Jesus

USUKU 6 KWEZINGU- 7

"Ungubani uNkulunkulu?"

Ukuqonda izinto ezimbalwa ezibalulekile ngoNkulunkulu kuzokusiza njengoba uqala ukuMlandela. Ake sixoxe ngezinto ezine ezichaza uNkulunkulu:

UNkulunkulu ungunaphakade

UNkulunkulu usebenzisa wonke amazwi akhona ukuzichaza Yena ngaphandle kwesikhathi: ongunaphakade, kuze kube phakade, unje, waba njalo, futhi unjengokuzayo.UNkulunkulu ungunaphakade. Ukuba ngunaphakade akusho isikhathi eside kakhulu. Kusho "ubungaphandle kwesikhathi." Kusho ukuthi "ngaphandle kwezinga lesikhathi."

UNkulunkulu uyahlonabaniseka

IBhayibheli lifundisa ezindaweni eziningi ukuthi uNkulunkulu ukhona njengabantu abathathu ndawonye ngobunye obuphelele. Lokhu kuthiwa uButhathu. Kunokuba abe yedwa uNkulunkulu, uNkulunkulu weBhayibheli nguNkulunkulu uBaba, uNkulunkulu iNdodana (uJesu Kristu), noNkulunkulu uMoya oNgcwele. Bangabantu abathathu abahlukene, kodwa baphila futhi basebenza ngobunye obuphelele.

UNkulunkulu uphelele

UNkulunkulu akanaphutha futhi akadingi ukuthuthukiswa. Akanako ukwesela-besimilo, ubumsulwa, ulwazi, amandla, noma ikhono. Kakhulukazi uma kuqhathaniswa nathi, uNkulunkulu uphelele ngobuYena. IBhayibheli lithi, "uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye" (1 KaJohane 1: 5).

UNkulunkulu ungu-"konke"

UNkulunkulu ukuyo yonke indawo, Nguye onamandla onke, Nguye okhona kuyo yonke indawo. Lamazwi asho ukuthi (ngokulandelana) ukuthi uNkulunkulu "Ukhona yonke indawo," nokuthi "Unamandla wonke," nokuthi "Wazi konke." Uyakwazi ukuba kuyo yonke indawo ngesikhathi esisodwa, Unamandla phezu kwazo zonke izinto, futhi wazi zonke izinto.

Manje kungani konke lokhu kubalulekile?

Ukuqonda ubuphakade bukaNkulunkulu kunginika ithemba. Ukwazi ukuthi uyahlobaniseka kusho ukuthi ngiyakwazi ukuxoxa naYe. Ukwazi uNkulunkulu indlela ephelele yokuthi nalapho ngingakuqondi khona, ngingamethemba uNkulunkulu. Futhi ukwazi ukuthi Uyikho konke kusho ukuthi nguYe ophethe amandla, ukuthi aKasishiyanga sodwa, nokuthi konke okubi kuyonqotshwa.

Manje ungubani uNkulunkulu? Nguye okwenzile, Nguye okuthanda ngaphezu kwamaphupho akho amakhulu kakhulu, futhi nguYe owanikela iNdodana yaKhe, uJesu Kristu, ukuthi afe ukuze Abe nobuhlobo obungunaphakade nawe.

Ukwazi uNkulunkulu kushintsha umbono wethu ngabantu-siqala ukubabona njengemiphefumulo yaphakade, hhayi imizimba yesikhashana.

Ukwazi uNkulunkulu kusisiza ukuba sibhekane nobunzima ngokuhlukile. Ukwazi uNkulunkulu kusho ukuthi asikaze sibe nomuzwa wokuthi impilo ayilawuleki. Ukwazi uNkulunkulu kusizinzisela ekuthobekeni nasenhlosweni. Ukwazi uNkulunkulu kusiza ukuthi impilo ibe nengqondo.

Usuku 5Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

Beginning A Relationship With Jesus

Ingabe uqala okholweni olusha kuJesu Kristu? Ingabe ufuna ukwazi kabanzi ngobuKrestu kodwa awunaso isiqiniseko sokuthi yini-noma kanjani-ongayibuza? Ngakho ke qala lapha. Kuthathwe encwadini ethi "Qala Lapha" ngu-David Dwight no-Nicole Unice.

More

Sithanda ukubonga uDavid Dwight, uNicole Unice noDavid C Cook ngokunikeza ngalolu hlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.dccpromo.com/start_here/