Ekuphumeni kwakhe ukuya endleleni umuntu wagijimela kuye, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wambuza wathi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?” Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imiyalelo ukuthi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungamamuki umuntu utho, yazisa uyihlo nonyoko.” Kepha wathi kuye: “Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.” UJesu wayesembheka, emthanda, wathi kuye: “Usasilalelwe into inye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.” Kepha wanyukumala ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu.
Funda NgokukaMarku 10
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMarku 10:17-22
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo