NgokukaMakhu 10:17-22

NgokukaMakhu 10:17-22 ZUL20

Ekuphumeni kwakhe, esendleleni, kweza kuye umuntu egijima, waguqa phambi kwakhe, wambuza wathi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzenjani ukuze ngizuze ifa lokuphila okuphakade na?” Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Akekho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imiyalelo ethi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungaqhwagi muntu, hlonipha uyihlo nonyoko.” Kepha yena wathi: “Mfundisi, ngikugcinile konke lokho kusukela ebusheni bami.” UJesu wambheka, wamthanda, wayesethi kuye: “Kunye vo okusakusilele; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona-ke uzakuba nengcebo ezulwini, bese uza, ungilandele.” Kepha lelo lizwi lamnyukubalisa, waphindela emuva ebhocobele, ngokuba wayecebe kakhulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMakhu 10:17-22