NgokukaMarku 10:17-22
NgokukaMarku 10:17-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ekuphumeni kwakhe, esendleleni, kweza kuye umuntu egijima, waguqa phambi kwakhe, wambuza wathi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzenjani ukuze ngizuze ifa lokuphila okuphakade na?” Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Akekho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imiyalelo ethi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungaqhwagi muntu, hlonipha uyihlo nonyoko.” Kepha yena wathi: “Mfundisi, ngikugcinile konke lokho kusukela ebusheni bami.” UJesu wambheka, wamthanda, wayesethi kuye: “Kunye vo okusakusilele; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona-ke uzakuba nengcebo ezulwini, bese uza, ungilandele.” Kepha lelo lizwi lamnyukubalisa, waphindela emuva ebhocobele, ngokuba wayecebe kakhulu.
NgokukaMarku 10:17-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ekuphumeni kwakhe ukuya endleleni umuntu wagijimela kuye, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wambuza wathi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?” Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imiyalelo ukuthi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungamamuki umuntu utho, yazisa uyihlo nonyoko.” Kepha wathi kuye: “Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.” UJesu wayesembheka, emthanda, wathi kuye: “Usasilalelwe into inye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.” Kepha wanyukumala ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu.
NgokukaMarku 10:17-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kwathi esephumela endleleni, kwagijima omunye, waguqa phambi kwakhe, wambuza wathi: Mfundisi Olungileyo, ngenzeni ukuze ngidle ilifa lempilo elaphakade? UJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? akakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imilayo ethi: Ungafebi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, ungadlelezeli, yazisa uyihlo lonyoko. Waphendula wathi kuye: Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami. Khona uJesu embuka emthanda, wathi kuye: Inye into oyisweleyo: hamba, uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; mina. Wadabuka ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu.
NgokukaMarku 10:17-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)