Marku 10

10
Marku 10
1Wayesesuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya, ngaphesheya kweJordani; wabuye wabafundisa njengokwejwayela.
2Kwasekusiza kuye abaFarisi, bambuza bathi: Kuvunyelwe yini ukuthi indoda ilahle umkayo? emlinga.
3Wasephendula wathi kubo: UMozisi walilaya ngani?
4Basebesithi: UMozisi wavumela ukuloba incwadi yesahlukaniso, lokumala.
5UJesu waphendula, wathi kubo: Ngobulukhuni benhliziyo yenu walilobela lowomyalo.
6Kodwa kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane.
7Ngenxa yalokhu indoda izatshiya uyise lonina, inamathele kumkayo;
8Labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kodwa banyamanye.
9Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungahlukaniswa muntu.
10Endlwini abafundi bakhe baphinda bambuza ngayo leyo nto.
11Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga kuye.
12Noma owesifazane elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga.
13Baletha kuye abantwana abancane ukuba abathinte; abafundi bakhe babakhuza.
14Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: Vumelani abantwana abancane beze kimi, lingabenqabeli, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.
15Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.
16Wabagona, wabeka izandla phezu kwabo, wababusisa.
17Kwathi esephumela endleleni, kwagijima omunye, waguqa phambi kwakhe, wambuza wathi: Mfundisi Olungileyo, ngenzeni ukuze ngidle ilifa lempilo elaphakade?
18UJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? akakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu.
19Uyayazi imilayo ethi: Ungafebi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, ungadlelezeli, yazisa uyihlo lonyoko.
20Waphendula wathi kuye: Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.
21Khona uJesu embuka emthanda, wathi kuye: Inye into oyisweleyo: hamba, uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; mina.
22Wadabuka ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu.
23UJesu waqalaza, wathi kubafundi bakhe: “Kuyakuba lukhuni kangakanani kwabanengcebo ukungena embusweni kaNkulunkulu!
24Abafundi bamangala ngamazwi akhe. Kodwa uJesu waphinda waphendula, wathi kubo: Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabathemba inotho ukungena embusweni kaNkulunkulu!
25Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yenaliti, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.
26Basebemangala kakhulukazi, bakhulumisana besithi: Pho kungasindiswa bani?
27UJesu wababheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo, ngokuba kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.
28UPetro waseqala ukuthi kuye: Khangela, thina sitshiye konke, sakulandela.
29UJesu waphendula wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Akakho oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amasimu ngenxa yami nangenxa yevangeli;
30Kodwa izakwemukeliswa kayikhulu khathesi ngalesisikhathi, izindlu, labafowabo, labodadewabo, labonina, labantwana, lamasimu, kanye lokuzingelwa; nasezweni elizayo ukuphila okuphakade.
31Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina; abokugcina kuqala.
32Babesendleleni bekhuphukela eJerusalema; uJesu wahamba phambi kwabo, bamangala; belandela besaba. Wabuye wathatha abayishumi nambili, waqala ukubatshela okuzakwenzeka kuye.
33besithi: Khangela, sikhuphukela eJerusalema; njalo iNdodana yomuntu izanikelwa kubapristi abakhulu lababhali; bayakumgwebela ukufa, bamkhaphele kwabezizwe;
34Bayakuyiklolodela, bayishaye, bayikhafulele, bayibulale, kepha ngosuku lwesithathu izakuvuka.
35Kwasekusiza kuye uJakobe loJohane, amadodana kaZebedewu, besithi: Mfundisi, sithanda ukuthi usenzele loba yini esizayicela.
36Wathi kubo: Nithanda ukuba nginenzeleni na?
37Basebesithi kuye: Siphe ukuthi sihlale, omunye ngakwesokunene sakho lomunye ngakwesokhohlo sakho enkazimulweni yakho.
38Kepha uJesu wathi kubo: “Anazi enikucelayo; nibhapathizwe ngobhapathizo engibhapathizwa ngalo mina?
39Basebesithi kuye: Singakwenza. UJesu wasesithi kubo: Isitsha engisinathayo mina lizayinatha; nangombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina niyakubhapathizwa ngawo;
40kodwa ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho; kodwa kuyakunikwa labo abakulungiselweyo.
41Kwathi abayishumi bekuzwa baqala ukuthukuthelela oJakobe noJohane.
42Kepha uJesu wababizela kuye, wathi kubo: “Niyazi ukuthi labo okuthiwa babusa izizwe bazenza amakhosi phezu kwazo; nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo.
43Kodwa kungabi njalo phakathi kwenu, kodwa loba ngubani ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu kabe yisikhonzi senu;
44njalo loba ngubani ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu kabe yinceku yabo bonke.
45Ngokuba neNdodana yomuntu ayizanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.
46Bafika eJeriko; kwathi ephuma eJeriko nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, indodana kaThimewu uBartimewu oyimpumputhe, wayehlezi ngasendleleni enxiba.
47Esezwile ukuthi nguJesu waseNazaretha, waqala ukumemeza, nokuthi: Jesu Ndodana kaDavide, ngihawukele!
48Abaningi bamkhuza ukuba athule, kepha wamemeza kakhulukazi, ethi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!
49UJesu wema, wayala ukuba abizwe. Bayibiza impumputhe, bathi kuyo: “Yima isibindi; uyakubiza.
50Yasilahla ingubo yayo, yasukuma, yeza kuJesu.
51UJesu waphendula, wathi kuye: “Uthanda ukuba ngenzeni kuwe na? Impumputhe yathi kuye: Nkosi, ukuba ngibone.
52UJesu wathi kuye: “Hamba; ukukholwa kwakho kukusindisile. Yahle yabona, yamlandela uJesu endleleni.

Okuqokiwe okwamanje:

Marku 10: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo