Marku 11

11
Marku 11
1Sebesondele eJerusalema eBetfage naseBethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe,
2Wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani; mthukululeni, nimlethe.
3Uma umuntu ethi kini: ‘Nenzelani lokhu na? anothi iNkosi iyalidinga; njalo izahle imthumele lapha.
4Base behamba, bafica ithole likhulekiwe ngasemnyango ngaphandle endaweni yezindlela ezimbili; bamthukulule.
5Abathile kwababemi khona bathi kubo: Nenzani nilithukulula ithole na?
6Basho kubo njengokuyala kukaJesu; base bebadedela.
7Baletha ithole kuJesu, babeka izingubo zabo phezu kwalo; wahlala phezu kwakhe.
8Abaningi bendlala izingubo zabo endleleni, kepha abanye bagawula amagatsha emithini, bawandlala endleleni.
9Lababehamba phambili lababelandela bamemeza besithi: Hosana; Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.
10Ubusisiwe umbuso kababa wethu uDavida, ozayo ebizweni leNkosi. Hosana kweliphezulu!
11UJesu wangena eJerusalema, ethempelini, waqalaza zonke izinto, sekuhlwile, waphuma waya eBethaniya nabayishumi nambili.
12Kwathi ngangomuso sebephumile eBethaniya walamba;
13Wabona umkhiwane ukude, unamaqabunga, weza ukuthi mhlawumbe angathola utho kuwo; ngoba isikhathi samakhiwane sasingekafiki.
14UJesu waphendula, wathi kuwo: “Akungabe kusadla muntu isithelo kuwe kuze kube phakade. Abafundi bakhe bezwa lokho.
15Bafika eJerusalema; uJesu wangena ethempelini, waqala ukuxosha ababethengisa nababethenga ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshela imali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba;
16Wayengavumeli muntu ukuthi adabule ithempeli ethwele isitsha.
17Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’? kepha nina niyenze umhume wabaphangi.
18Ababhali nabapristi abakhulu bezwa lokho bafuna ukuthi bangambulala kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe.
19Kwathi sekuhlwile waphuma emzini.
20Kwathi ekuseni bedlula, babona umkhiwane womile kusukela ezimpandeni.
21UPetru ekhumbula wathi kuye: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.
22UJesu waphendula wathi kubo: Yibani nokholo kuNkulunkulu.
23Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Suka, uphonseke elwandle;’ engangabazi enhliziyweni yakhe, kodwa ekholwa ukuthi lokho akutshoyo kuyenzeka; uzakuba lalokho akutshoyo.
24Ngakho-ke ngithi kini: Konke enikucelayo nikhuleka, kholwani ukuthi nikutholile, niyakuba nakho.
25Nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.
26Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu.
27Base befika eJerusalema; kwathi ehamba ethempelini, kwafika kuye abapristi abakhulu, nababhali, namalunga;
28Bathi kuye: “Lokhu uzenza ngagunya lini na? njalo ngubani okunike leligunya lokwenza lezizinto?
29UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami ngizakunibuza umbuzo ube munye, ningiphendule, nami ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.
30Ubhapathizo lukaJohane lwaluvela ezulwini noma kubantu na? ngiphendule.
31Basebekhulumisana bodwa, besithi: Uba sisithi: Ezulwini; uzakuthi: Pho, anikholwanga nguye ngani na?
32Kodwa uba sisithi: Kubantu; besaba abantu, ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi impela.
33Base bephendula, bathi kuJesu: “Asazi. UJesu waphendula, wathi kubo: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.

Okuqokiwe okwamanje:

Marku 11: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo