Kwathi esephumela endleleni, kwagijima omunye, waguqa phambi kwakhe, wambuza wathi: Mfundisi Olungileyo, ngenzeni ukuze ngidle ilifa lempilo elaphakade? UJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? akakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. Uyayazi imilayo ethi: Ungafebi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, ungadlelezeli, yazisa uyihlo lonyoko. Waphendula wathi kuye: Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami. Khona uJesu embuka emthanda, wathi kuye: Inye into oyisweleyo: hamba, uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; mina. Wadabuka ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu.
Funda Marku 10
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Marku 10:17-22
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo