Oswald Chambers: Ukuthula- Impilo kuMoyaIsampula

Oswald Chambers: Peace - Life in the Spirit

USUKU 6 KWEZINGU- 30

Lungakanani ukholo, ithemba, nothando olusebenza kithi uma sizama ukubonisa omunye umuntu? Akukona okwethu ukubonisa abanye abantu, lokho ukuphikelela kwengqondo nje, impilo engeyona yoMoya. UMoya kaNkulunkulu iwona ozokwenza ukubonisa lapho sisebuhlotsheni lapho sivele sidlulisele izwi likaNkulunkulu. Sisebenzisa izwi likaNkulunkulu ukuze silivumelanise nombono othile wethu esizivusele wona; kodwa uma kuziwa ekuthuleni okukhulu nokuphumula kweNkosi uJesu, singahlola kalula ukuthi sikuphi.

Uku "phumula eNkosini" ngukupheleliswa kwemisebenzi yangaphakathi. Ekuqondeni okwejwayelekile komuntu kusho ukuhlala sisonge izandla silindele ukuthi uNkulunkulu enze konke; eqinisweni kusho ukuthi sihleli kuNkulunkulu ngokuphelelekangangokuba sikhululekile ukwenza umsebenzi wabantu ngaphandle kokukhathazeka. Izikhathi uNkulunkulu asebenza ngazo ngokumangalisayo yizikhathi esingakaze sicabange ngazo.

Imibuzo Yokuzindla: Kungakanani ukungabi kwami noxolo okusukela ekuzameni ukwakha ukuthula ngendlela yami hhayi yaNkulunkulu? Iyiphi ingxenye yendlela yokwenza ukuthula ekungeka Nkulunkulu futhi iyiphi ekungeyami?

Isicaphuno sithathwe ku- If You Will Be Perfect, © Discovery House Publishers
Usuku 5Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

Oswald Chambers: Peace - Life in the Spirit

Ukuthula: Impilo kuMoya ingumgcinimafa okhuthazayo wezingcaphuno kwimisebenzi ka Oswald Chambers, umbhali othandekayo nozinikele kumhlaba wonke futhi ongumbhali we My utmost for His Highest. Thola ukuphumula kuNkulunkulu mase uthola ukuqonda okujulile kokubaluleka kokuthula kukaNkulunkulu empilweni yakho.

More

Sithanda ukubonga i Discovery House Publishers ngokunikeza ngalolu Hlelo. Ngeminiye imininingwan, sicela uvakashele: www.utmost.org.tv