Oswald Chambers: Ukuthula- Impilo kuMoyaIsampula

Oswald Chambers: Peace - Life in the Spirit

USUKU 5 KWEZINGU- 30

Ngezinye izikhathi izingane ziyesaba ebumnyameni. Ukwesaba kungena ezinhliziyweni nakwimizwa yazo futhi zingene esimweni esilukhuni; bese zizwa izwi lamama noma ubaba, bese konke kuyathula zizumeke zilale. Kuyinto efanayo nakwisipiliyoni sethu sokomoya. Okunye ukwesaba kuhlangabezana nathi ngendlela bese nezinhliziyo zethu zibanjwe ukuthuthumela okukhulu; bese sizwa igama lethu libizwa, kanti izwi likaJesu lithi, "Yimi, ungesabi," bese ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda kwengame izinhliziyo zethu.

Umuntu akaphinde afane emva kokuzwa kushumayelwa ngo Jesu Kristu. Angase athi akakunaki; angabonakala sengathi ukhohliwe ngakho, kodwa akaphinde afane, kanti kungathi nganoma yimuphi umzuzu amaqiniso avele aqhume ekujuleni kwenhliziyo abhubhise konke ukuthula nenjabulo yakhe.

Imibuzo Yokuzindla: Yini enesabisayo? Ysiphi isikhathi engangazithola nginokwesaba ngaso? Yimaphi amazwi kaJesu angethusayo? Ymaphi amazwi kaJesu asusa ukwesaba kimi?

Izicaphuno ezithathwe ku-Servant as His Lord and Run Today’s Race, © Discovery House Publishers
Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Oswald Chambers: Peace - Life in the Spirit

Ukuthula: Impilo kuMoya ingumgcinimafa okhuthazayo wezingcaphuno kwimisebenzi ka Oswald Chambers, umbhali othandekayo nozinikele kumhlaba wonke futhi ongumbhali we My utmost for His Highest. Thola ukuphumula kuNkulunkulu mase uthola ukuqonda okujulile kokubaluleka kokuthula kukaNkulunkulu empilweni yakho.

More

Sithanda ukubonga i Discovery House Publishers ngokunikeza ngalolu Hlelo. Ngeminiye imininingwan, sicela uvakashele: www.utmost.org.tv