Oswald Chambers: Ukuthula- Impilo kuMoyaIsampula
Yiziphi izinsuku ezikusondeza kakhulu kulwazi luka Nkulunkulu-izinsuku zokukhanya kwelanga nokuthula nokuchuma? Akusozei! Izinsuku zokuhlupheka, izinsuku zokucindezeleka, izinsuku zokumangalisa okungazelelwe, izinsuku lapho indlu yasemhlabeni yethabanakele ihlukunyezwa kuze kufike ekupheleni kwamandla, lezo yizinsuku lapho ufunda khona umutho wokuthi-"Hamba." Noma iyiphi inhlekelele enkulu emhlabeni wemvelo-ukufa, izifo, ukushonelwa-iyovusa umuntu lapho kungekho okunye okungamvusa, futhi akaphinde afane nangaphambili. Besingasoze siyazi "ingcebo yobumnyama" uma besihlal sisendaweni yokuphepha egaphazamiseki.
Nangaphezu kwako konke ukuzizwa sinokungcola, nangaphezu kwako konke ukujaha nokulangaza umsebenzini wezwe, nangaphezu kwako konke ukuqonda kwethu, Ukuzwa ubukhona buka Nkulunkulu kuzofika kuphazamise ukuthula kwethu.
Imibuzo Yokuzindla: Izinkathazo zingifundisani ngokuthula? Ngabe ngiyakwamukela ukuthi uNkulunkulu aphazamise impilo yami noma ngabe ngifaka uphawu oluthi "Ungaphazamisi" emnyango wempilo yami?
Izicaphuno zithathwe ku-Philosophy of Sin, © Discovery House Publishers

UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Ukuthula: Impilo kuMoya ingumgcinimafa okhuthazayo wezingcaphuno kwimisebenzi ka Oswald Chambers, umbhali othandekayo nozinikele kumhlaba wonke futhi ongumbhali we My utmost for His Highest. Thola ukuphumula kuNkulunkulu mase uthola ukuqonda okujulile kokubaluleka kokuthula kukaNkulunkulu empilweni yakho.
More
Sithanda ukubonga i Discovery House Publishers ngokunikeza ngalolu Hlelo. Ngeminiye imininingwan, sicela uvakashele: www.utmost.org.tv