Oswald Chambers: Ukuthula- Impilo kuMoyaIsampula

Oswald Chambers: Peace - Life in the Spirit

USUKU 11 KWEZINGU- 30

Ukufika kukaJesu Kristu akuyona into enokuthula, kuyinto ephazamisayo, emangazayo. Ingabe ngizimisele ukuzalwa endaweni uJesu Kristu angaphakathi kuyo? Uma kunjalo, kufanele ngikulungele ukuphazamiseka endaweni engikuyo. Umbuso ophakathi kukaNkulunkulu nomuntu kufanele ungenelelwe phakathi, futhi ukungena kukaJesu Kristu kusho ukuphazamiseka okukhulu endleleni ebengibheka ngayo izinto, ukuguqula konke kube mapeketu kubheke phansi. Indlela endala kanye nokuthula okudala kufanele kuhambe, futhi asikwazi ukubuyela emuva kuxolo lwendela endala.

Lapho uSathane ebusa izinhliziyo zabantu bemvelo ngaphansi kwenkuthazo yomubi, azikhathazeki, zihlala ngokuthula, zigxile ekuhlaleni okuhlanzekile kwezwe (bheka iHubo 73), kanti ngaphambi kokuba uNkulunkulu abuse umbuso womuntu kumele aqale ngokuchitha lombuso yamanga.

Imibuzo Yokuzindla: Yibuphi ubuxakaxaka ekufanele ngidlule kuko ukuze ngifinyelele ukuthula? Iyiphi ukuphazamiseka okudingekayo ukuze kunqobeke indlela endala? Ngumuphi umbuso wamanga okumelwe unqotshwe?

Izicaphuno zithathwe ku-Servant as His Lord, © Discovery House Publishers
Usuku 10Usuku 12

Mayelana naloluHlelo

Oswald Chambers: Peace - Life in the Spirit

Ukuthula: Impilo kuMoya ingumgcinimafa okhuthazayo wezingcaphuno kwimisebenzi ka Oswald Chambers, umbhali othandekayo nozinikele kumhlaba wonke futhi ongumbhali we My utmost for His Highest. Thola ukuphumula kuNkulunkulu mase uthola ukuqonda okujulile kokubaluleka kokuthula kukaNkulunkulu empilweni yakho.

More

Sithanda ukubonga i Discovery House Publishers ngokunikeza ngalolu Hlelo. Ngeminiye imininingwan, sicela uvakashele: www.utmost.org.tv