Oswald Chambers: Ukuthula- Impilo kuMoyaIsampula

Oswald Chambers: Peace - Life in the Spirit

USUKU 15 KWEZINGU- 30

Uma kuthi ngokuziqoqa ngokuyalelwa Nguye okungcwele, siyamazi, kanti Ukuhamba Kwakhe nathi kusinika Ukuphumula, bese isiKhathi neNgunaphakade kuhlangane bese kulahleka kulobo buhlobo obumangazayo nobubalulekile. Ukuhlangana akukona kokucabanga okuyisimanga, kodwa okokuphelela okukhulu komsebenzi, hhayi ukuphumula kokuthula okungayi ndawo, kodwa Ukuphumula okuphelele.

Umphefumulo womuntu uyimfihlakalo kangangokuthi ngesikhathi senhlekelele enkulu abantu babhekana nezinto abazange bazicabange ngaphambili. Ngezikhathi zokuthula, bangaki kithina abake bazikhathaze ngesimo sezinhliziyo zabantu kuNkulunkulu? Kodwa yilezizinto ezenza ubuhlungu enhliziyweni kaNkulunkulu, hhayi izimpi kanye nezinhlekelele ezisikhathazayo.

Imibuzo Yokuzindla: "Ukuphumula okuphelele" kuhluke kanjani no "kuthula okungayi ndawo"? Ukuthula kobudlelwano nokuthula kwezepolitiki kuyisitha kanjani no Nkulunkulu?

Izicaphuno ezithathwe ku Christian Discipline, © Discovery House Publishers
Usuku 14Usuku 16

Mayelana naloluHlelo

Oswald Chambers: Peace - Life in the Spirit

Ukuthula: Impilo kuMoya ingumgcinimafa okhuthazayo wezingcaphuno kwimisebenzi ka Oswald Chambers, umbhali othandekayo nozinikele kumhlaba wonke futhi ongumbhali we My utmost for His Highest. Thola ukuphumula kuNkulunkulu mase uthola ukuqonda okujulile kokubaluleka kokuthula kukaNkulunkulu empilweni yakho.

More

Sithanda ukubonga i Discovery House Publishers ngokunikeza ngalolu Hlelo. Ngeminiye imininingwan, sicela uvakashele: www.utmost.org.tv