Oswald Chambers: Ukuthula- Impilo kuMoyaIsampula

Oswald Chambers: Peace - Life in the Spirit

USUKU 18 KWEZINGU- 30

Sikhuluma ngokuthula kukaJesu, kodwa sike saqaphela ukuthi lokhu kuthula kwakunjani? Funda umlando wempilo yakhe, iminyaka engamashumi amathathu yokuzithoba ngokuthula eNazaretha, iminyaka emithathu yokusebenza ngokukhonza, ukuhlambalazwa nokwecwaswa, ukuhletshwa nokuzondwa adlula kuko, konke kwakungaphezu kwako konke esiyoke sedlule kuko, kuko konke loku ukuthula kwakhe akuphazamisekanga, kwakungeke kuphulwe. Yilokho ukuthula uNkulunkulu azokubonakalisa kithi ezindaweni zasezulwini; hhayi ukuthula okufana nako, kodwa lokho kuthula. Kukho konke ukuxakeka kokuphila, ekusebenzeleni ukuphila kwethu, kuzo zonke izimo zokuphila komzimba, nomaphi lapho uNkulunkulu enza khona izimo zethu- "Ukuthula kwami" -ukuthula okungena kuphazamiseka, Ukuthula kuka Jesu okungenakwephulwa kunikelwe kithi ngayo yonke imininingwane yezimpilo zethu.

Ukuthintwa Nguwe kusanamandla asemandulo. Ngithinte, Nkosi, ukuthi ngihlanganyele Nawe kuze kufike lapho bonke ubumina bukhazimula ngokuthula kanye nenjabulo Yakho.

Imibuzo Yokuzindla: Ingabe nginalo uhlobo lokuthula olungakwazi ukumelana nokuhlambalazwa nenzondo? Yini engase iphazamise ukuthula kwami? Kungani?

Izicaphuno ezithathwe ku Our Brilliant Heritage and Knocking at God’s Door, © Discovery House Publishers
Usuku 17Usuku 19

Mayelana naloluHlelo

Oswald Chambers: Peace - Life in the Spirit

Ukuthula: Impilo kuMoya ingumgcinimafa okhuthazayo wezingcaphuno kwimisebenzi ka Oswald Chambers, umbhali othandekayo nozinikele kumhlaba wonke futhi ongumbhali we My utmost for His Highest. Thola ukuphumula kuNkulunkulu mase uthola ukuqonda okujulile kokubaluleka kokuthula kukaNkulunkulu empilweni yakho.

More

Sithanda ukubonga i Discovery House Publishers ngokunikeza ngalolu Hlelo. Ngeminiye imininingwan, sicela uvakashele: www.utmost.org.tv

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo