Oswald Chambers: Ukuthula- Impilo kuMoyaIsampula

Oswald Chambers: Peace - Life in the Spirit

USUKU 14 KWEZINGU- 30

Kuyinto enhle ukuthi ukubona ngoko Moya kuvivinywe ngudokotela wamehlo wasemazulwini, ukuze sibuke indlela alungisa futhi abuyisele esimeni ukubona kwethu. Kukhona ufakazi ongenaphutha esamethenjiswa ngu Jesu, lokho yisipho sokuthula Kwakhe. Kungakhathaleki ukuthi izimo ziyinkimbinkimbi kangakanani, umzuzwana owodwa nje wokuxhumana noJesu bese ubuxakaxaka buyaphela, ukwethuka sekuhambile, konke ukuzizwa ungenalutho sekuphelile, bese kungena ukuthula kwakhe, ukuthula okuphelele, ngenxa yalokho akushilo: " Wonke amandla anikezwa Mina."

Wo, ukugcwala kokuthula nenjabulo nentokozoo lapho sikholelwa ukuthi akukho "okuyokwazi ukusihlukanisa nothando lukaNkulunkulu, olukuKristu uJesu iNkosi yethu."

Imibuzo Yokuzindla: Ingabe uNkulunkulu uvivinye futhi wakulungisa kanjani ukubona kwami ngokomoya? Yini engiyibonayo ngokucacile manje? Ukucaca kukuqeda kanjani ukuzixakekisa nokwesaba?

Izicaphuno zithathwe ku-So Send I You no-Love God, © Discovery House Publishers
Usuku 13Usuku 15

Mayelana naloluHlelo

Oswald Chambers: Peace - Life in the Spirit

Ukuthula: Impilo kuMoya ingumgcinimafa okhuthazayo wezingcaphuno kwimisebenzi ka Oswald Chambers, umbhali othandekayo nozinikele kumhlaba wonke futhi ongumbhali we My utmost for His Highest. Thola ukuphumula kuNkulunkulu mase uthola ukuqonda okujulile kokubaluleka kokuthula kukaNkulunkulu empilweni yakho.

More

Sithanda ukubonga i Discovery House Publishers ngokunikeza ngalolu Hlelo. Ngeminiye imininingwan, sicela uvakashele: www.utmost.org.tv