Izinsuku iziyi-7 zendaba kaKhisimuzi: Isikhathi sokuzinikela komndeniIsampula

7 Days of the Christmas Story: An Advent Family Devotional

USUKU 4 KWEZINGU- 7

Usuku 4: uJesu

Ujesu uyindaba kaKhisimuzi! Ngaphandle kukaJesu, sonke ngabe sisenkingeni. Sonke sasidinga uMsindisi ozosikhulula esonweni. Njengoba ingelosi yasho, ukuthi ukufika kukaJesu “izindaba ezimnandi zentokozo enkulu kubo bonke abantu” (NgokukaLuka 2:10). Unkulunkulu uBaba wasithanda kakhulu waze wakhetha ukuthumela iNdodana Yakhe ezelwe yodwa ukuba ize emhlabeni izalwe njengomntwana.

Kepha akusikho lapho izindaba ezinhle ziphela khona. Ujesu wasithanda kakhulu waze wakhula, waphila impilo ephelele, futhi wafa endaweni yethu yokuhlupheka ngenxa yesono sethu. Bese kuthi uJesu wavuka emva kwezinsuku ezintathu! Wenyukela ezulwini futhi uhleli khona namuhla. Njengoba uJesu ephila, singaba nobudlelwane ubumangalisayo noNkulunkulu manje nasemaphakadeni. Lezi izindaba ezinhle kunazo zonke! Uma sikholwa kuJesu, siba ngabantwana bakaNkulunkulu. Uyasihola, asenze ikhaya lakhe, abe ngumngani wethu, asifundise izindlela Zakhe, futhi alalele imikhuleko yethu. Phezu kwalokho, singabathanda abanye ngendlela uNkulunkulu asithanda ngayo nathi. Ujesu wathi, “Njengalokho uBaba engithandile, nami nginithandile. Hlalani othandweni lwami” (NgokukaJohane 15:9). Lolu thando olumangalisayo lumayelana noKhisimuzi. izindaba ezinhle kunazo zonke esesike sazizwa

Umsebenzi womndeni: Hlela iphathi yokuzalwa kukaJesu. Ningakhetha ukwenza iphathi ngosuku lukaKhisimuzi noma nini lapho kuvumelana nezinhlelo zomndeni wakho. Nganoma iyiphi indlela, sebenza nezingane zakho namuhla ukuhlela iphathi. Thenga izithako zokubhaka ikhekhe. Thenga amabhelunde nezinto zokuhlobisa. Ngosuku lomcimbi, cula izingoma zikakhisimuzi bese futhi nisho “Usuku olumnandi lokuzalwa.” Xoxa izindaba zokuthi uJesu wayiguqula kanjani impilo yakho. Yenza lomcimbi ube ngohlukile emndenini wakho. Yakha isiko eniyolilangazelela njalo ngonyaka.

Imibuzo yengxoxo yomndeni:

• Chaza izindaba ezimnandi zokuthi uJesu ukuthanda kangakanani.

• Ngabe uthando lukaJesu luyishinstha kanjani indlela ocabanga ngayo ngoKhisimuzi?

• Ngabe ishintsha kanjani indlela ophatha ngayo abanye abantu? nikeza izibonelo.

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

7 Days of the Christmas Story: An Advent Family Devotional

Kubuseka sengathi sonke sidinga ukwangana okuhle, ukuxhumana kwangempela, futhi nokugubha okuthile okuthokozisayo njengamanje. Umkhuleko wethu ukuthi lenkonzo yokuzifnikela ezayo izokunikeza wena nomndeni wakho indlela yokuxhumana, ufunde ngendaba yangempela kaKhisimuzi, futhi ugubhe ukuzalwa kukaJesu ngamasiko amasha, izindaba zesikhathi sokudla, izingxoxo zokulala, futhi nemisenbenzi yomndeni. Siyethemba kuloKhisimuzi "ukwanga" kuzoletha imicabango emihle ekhaya lakho kulesizini! ezayo!

More

Sithanda ukubonga iMoody Publishers ngokunikela ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.bhpublishinggroup.com/25-days-of-the-christmas-story/