Izinsuku iziyi-7 zendaba kaKhisimuzi: Isikhathi sokuzinikela komndeniIsampula

7 Days of the Christmas Story: An Advent Family Devotional

USUKU 6 KWEZINGU- 7

Usuku 6: Izingelosi

Ebhayibhelini, Siye sifunde mayelana nezingelosi ezathunyelwa umyalezi kubantu bakaNkulunku. Khumbula uGrabriyeli? Umyalezo wakhe ku Zakariya nakuMariya wavusa indaba kaKhisimuzi njengoba sazi. Ngaphandle kukaGabriyeli, uMikayeli nguye kuphela enye ingelosi ogama lakhe esilaziyo. Kodwa ziningi ezinye izingelosi ezikhona! Ibhayibheli lisitshela ukuthi izigidigidi ngezigidigidi zezingelosi zidumisa uNkulunkulu, zimkhonze, futhi zenze imiyalelo yakhe. Kwesinye isikhathi ungahlangana nengelosi ungazi (AmaHeberu 13:2).

Kepha, izingelosi akuzona izidalwa ezimnandi, ezinamaphiko esivame ukuzibona zivezwa ezindantshaneni zokuzalwa kukaJesu. Ibhayibheli lichaza izingelosi njengabantu "abanamandla amakhulu" futhi abalalela uNkulunkulu (AmaHubo 103:20). Mhlawumbe yingakho lapho abelusi bebona ingelosi endle izungezwe

yinkazimulo kaNkulunkulu, bethuka. Nokho ingelosi yathi, “Ningesabi” ( NgokukaLuka 2:10). Bese kuthi, kungazelele, izingelosi eziningi zakhanyisa isibhakabhaka ebusuku ngaphezu kwabelusi njengezithunywa zokuqala ukumemezela ukuzalwa koMsindisi emhlabeni. Zeza ngamandla, izingelosi zilethe umyalezo ongafani neminye: Ukukhanya komhlaba wonke—iNdodana kaNkulunkulu, uJesu—usefikile! Amandla akhe anqoba ubumnyama besono, unompelo.

Umsebenzi womndeni:Izingelosi azidumisanga uNkulunkulu kuphela, kepha zakhanyisa isibhakabhaka ebusuku ngaphezu kwabelusi. Zamemezela ukunqoba amandla obumnyama obubi ngokuzalwa kukaMesiya othenjisiwe.

Kulobubusuku, wonke umuntu akagqoke izingubo zokulala zikaKhisimuzi. Lungisa ama-popcorn. Abe yinqwaba emotweni yakho. Shayela imoto nizungeze idolobhana langakini nidla ama-popcorn futhi nibheke izindlu ezihlotshisiwe zakhanyisa isibhakabhaka ebusuku. Khuluma ngokuthi amalambu kaKhisimuzi akhanyayo anawo kanjani amandla okubhodloza ubumnyama futhi akhanyise izindlu. Ngendlela efanayo, lapho silandela uJesu, onguku “khanya kwezwe” sinamandla okuthi “singaphinde sihambe ebumnyameni” ngoba “sinokukhanya kokuphila” okukhanya ngaphakathi kithi (NgokukaJohane 8:12).

Imibuzo yezingxoxo zomndeni: 

• Ucabanga ukuthi kusho ukuthini “ukuhamba ekukhanyeni"?

• Kungani ucabanga ukuthi sidinga ukukhulekela amandla okwenza lokho?

Usuku 5Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

7 Days of the Christmas Story: An Advent Family Devotional

Kubuseka sengathi sonke sidinga ukwangana okuhle, ukuxhumana kwangempela, futhi nokugubha okuthile okuthokozisayo njengamanje. Umkhuleko wethu ukuthi lenkonzo yokuzifnikela ezayo izokunikeza wena nomndeni wakho indlela yokuxhumana, ufunde ngendaba yangempela kaKhisimuzi, futhi ugubhe ukuzalwa kukaJesu ngamasiko amasha, izindaba zesikhathi sokudla, izingxoxo zokulala, futhi nemisenbenzi yomndeni. Siyethemba kuloKhisimuzi "ukwanga" kuzoletha imicabango emihle ekhaya lakho kulesizini! ezayo!

More

Sithanda ukubonga iMoody Publishers ngokunikela ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.bhpublishinggroup.com/25-days-of-the-christmas-story/